Ezokungcebeleka Umculo

UBlack Coffee ufiselwe ukululama ngemuva kwengozi

Fanelesibonge Bengu|Published

UBlack Coffee osesibhedlela ngemuva kwengozi yebhanoyi ebheke e-Argentina Isithombe: Instagram

Ufiselwe ukululama okusheshayo uDJ wakuleli ohlonishwa umhlaba wonke, uBlack Coffee, okukukhishwe isitatimende ngokulimala kwakhe engozini ebhanoyini eMar Del Plata, e-Argentina.

UBlack Coffee ubesendleleni eyonandisa endaweni yobumnandi iMute ngesikhathi kwehla ingozi.

Isitatimende esifakwe ekhasini lakhe le-Instagram ngoLwesithathu ntambama kuvele ukuthi ulimele kule ngozi, okungakhishwanga mininingwane ngayo,

Isikhangiso somcimbi waseMute lapho bekuzonandisa khona uBlack Coffee ngeSonto Isithombe: Instagram

“Singakuqinisekisa ukuthi uyelashwa okusezingeni futhi unomndeni omesekayo nethimba lakhe,” kusho isitatimende.

Sinxuse abezindaba nabalandeli ukuba bamnike isikhathi ngasese. Sithe ululama kahle.

“Ukubheke ngabomvu ukuba nani nonke maduze.”

Ungqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, uZizi Kodwa, umfisele ukululama okusheshayo.

“Usuwenze okuningi ukuphakamisa umculo waseNingizimu Afrika uwubeke ezingeni lomhlaba. Ngikhulume nomndeni kaBlack Coffee izolo (ngoLwesithathu) ebusuku onaye,” kubhala uKodwa.

Iqembu lezepolitiki i-Economic Freedom Fighters nalo limfisele ukululama lathi linaye emthandazweni.

Abanye kubalwa i-Action SA nabalandeli bakhe.