Ezokungcebeleka Umculo

Badele imvula namakhaza kwiLast Dance

Charles Khuzwayo|Published

UBIG Zulu enandisa phambi kwezinkumbi zabantu kwiLast Dance Music Festival e-Oval Cricket Stadium, eMgungundlovu Isithombe:SBONELO NGCOBO/ANA

ABANTU ebebeqhamuka ezifundazweni ezihlukene badele imvula ebiyidliva, isiphepho nodaka banikela emcimbini iLast Dance Music Festival ebise-Oval Cricket Stadium, eMgungundlovu ngeSonto.

Nakuba umcimbi uqale sekwedlule isikhathi ngenxa yemvula ebihambisana nesiphepho esinamandla, kodwa abantu abaphelanga moya.

UKWESTA ecula phambi kwezinkumbi zabantu kwiLast Dance Music Festival e-Oval Cricket Stadium, eMgungundlovu Isithombe:SBONELO NGCOBO/ANA

Batheleke ngobuningi babo futhi bajabula sengathi kuthiwa unyaka uzobhujiswa. Kubaculi abashiye izithameli zisahalela impinda kubalwa uBabes Wodumo, Nomfundo Moh, Xowla, Mthandeni SK, Scorpion Kings (Kabza De Small noMaphorisa), Sjava, Focalistic, Big Zulu, Nasty C, Lwah Ndlunkulu, Goldmax, Happy Gal nabanye abaningi.

ULWAH Ndlunkulu ejabulisa izinkumbi zabantu kwiLast Dance Music Festival e-Oval Cricket Stadium, eMgungundlovu Isithombe:SBONELO NGCOBO/ANA

Nabaphathi bohlelo, okubalwa kubo uHlelo woZalo noNomalanga Shozi, bageze izithameli ubebebe.

UMTHANDENI SK ucule iParis kwiLast Dance Music Festival e-Oval Cricket Stadium, eMgungundlovu kwachazeka izihlwele Isithombe:SBONELO NGCOBO/ANA

Osikhwiliphambananobhokhoko bayisuthile induku konogada ebebengahleki nanoma yini.

ACHAZEKILE ama-2000s kwiLast Dance Music Festival e-Oval Cricket Stadium, eMgungundlovu ngenxa kaNasty C Isithombe:SBONELO NGCOBO/ANA

IMeya yaseMsunduzi, uMzimkhulu Thebolla, ithe beyililindele lelisasasa ngoba awukho omunye umcimbi owedlula iLast Dance Music Festival ngobumnandi. UThebolla uthe bekufanele abantu baphume ngobuningi babo ngenxa yokuthi uMgungundlovu iNhlokodolobha yaKwaZulu-Natal futhi idolobha lakhona libizwa ngeCity of Choice.