Ezokungcebeleka Umculo

Bafuna uZahara ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Fanelesibonge Bengu|Published

Kuzoba nenkonzo yokukhumbula uZahara eRhema Bible Church ngoLwesine Isithombe: Sigciniwe

UZOKHUNJULWA ngenkonzo ezoba ngoLwesine eRhema Bible Church, eGoli, uBulelwa “Zahara” Mkutukana obengumculi we-Afro Pop oshone ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokugula.

UZahara, odabuka e-Eastern Cape, ushonele esibhedlela eGoli lapho engeniswe khona ngenyanga ezedlule ekhala ngezinhlungu emzimbeni.

Ngokwemininingwane yenkonzo yesikhumbuzo inkonzo kaZahara, ozalwe ngoNovemba 9 ngo-1987, izoqala ngo-11 ekuseni kuze kube wu-2 ntambama.

UZahara uzakhele udumo ngezingoma zakhe ezashisa izikhotha okubalwa kuzo iLoliwe, Phendula nezinye.

Kusukela lo mculi eshonile baningi abazwakalisa ukukhala kwabo ezinkundleni zokuxhumana.

Abanye bazwakalise ukuthi kumele ahlonishwe ngomngcwabo osezingeni lesifundazwe.