Ezokungcebeleka Umculo

Batinyele ungqongqoshe kuvela ezokudlula kukaZahara

Fanelesibonge Bengu and Nonkululeko Nhlapo|Published

SIKHULU isililo kubathandi bomculo eNingizimu Afrika kudlula isilomo somculi uBulelwa "Zahara" Mkutukana (36) esishone ngoMsombuluko ebusuku sinomndeni nabebesondelene naso.

Izindaba zokushona kwale ntokazi zigqame ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Zizi Kodwa enikela ezinkundleni zokuxhumana edlulisa ukushaqeka kwakhe ngokudlula emhlabeni kwale ntokazi.

Abantu abafana noMbuyiseni Ndlozi we-EFF bazwakalise ukungenami kwabo ngokuthi izindaba ezifana nalezi akufanele zisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana umndeni ungakabikelwa ngokwenzekile.

Omunye usaziwayo oyilungu leTrompies u-Eugene Mthethwa uphendule ngqo embhalweni kaKodwa, ngokuthi yikona adume ngakho.

UNtsiki Mazwai, owaziwa kakhulu ngokungasinisi mahleza kosaziwayo nasezikhulwini zikahulumeni, uphawule kule nkulumo kaKodwa ngokuthi, “okuxakayo ukuthi umdibi munye nabaphathi bemboni yomculo abafanayo abaxhaphaza abaculi … uhlekisana kakhulu neSamro esehlazweni elikhulu lokweba nokukhwabanisa imali kodwa wena nakhu ula ufuna ukubukwa.”

Abanye bebethi akawususe lo mbhalo wakhe kuze kube wukuthi umndeni ukhipha isitatimende esiqondile nesiqinisekisa ukudlula emhlabeni kwale ntokazi eyazakhela igama ifika emculweni ngecwecwe layo lokuqala elithi, Loliwe.

Umndeni wale ntokazi okukholakala ukuthi igule yalaliswa esibhedlela ngenyanga obekulindeleke ukuthi ibophe ngayo ifindo likasofa silahlane noMpho Xaba owahambisa izinkomo kubo kwakhe ngoJulayi nonyaka, ukhiphe isitatimende esiqinisekisa ukudlula kwayo emhlabeni ngoLwesibili emini ekhasini layo lika-Instagram.

"Ubeyisibani futhi enenhliziyo emnene kulo mhlaba. Ubeyithemba, eyisipho futhi eyisibusiso kithi nasemhlabeni," kusho isitatimende.

"Impilo ephilwe kahle ifanelwe wukukhunjulwa kahle. Asingamkhumbuli uZahara ngokudabuka kodwa ngezindaba zokuphilisa, injabulo, ukulunga nokugqugquzela asilethele khona ngempilo yakhe nangomculo."

Ekupheleni kukaNovemba umndeni wakhipha isitatimende uqinisekisa ukuthi ungeniswe esibhedlela ekhala ngobuhlungu emzimbeni.