Ezokungcebeleka Umculo

UBlack Coffee ukhonjwa emjolweni nonobuhle waphesheya

Charles Khuzwayo and Oluthando Keteyi|Published

UBLACK Coffee, enosolwa ngokuba yintombi yakhe entsha uVictoria Gonzalez Isithombe:FACEBOOK

UDJ wakuleli osedume umhlaba wonke, uNkosinathi ‘Black Coffee’ Maphumulo, uyamaniswa nesingqazu sentokazi uVictoria Gonzalez. UBlack Coffee, obeshade nomlingisi uMbali Mlotshwa, ubonakale nentokazi emcimbini wokuvulwa kwesitolo sempahla yokugqoka, i-Amiri Diamond Walk, eSandton City Mall.

Nakuba singekho isiqiniseko sokuthi uBlack Coffee noVictoria waseVenezuela, banabuphi ubudlelwano kodwa abebesemcimbini ngenyanga edlule bathi bebewotawotana njengezithandani.

Ezithombeni ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana, babonakala bejola. Zibuye zasabalaliswa nasezitatimendeni ebezithunyelelwa imithombo yezindaba emuva kokuvulwa kwesitolo.

Kukhona imithombo yabezindaba ebike nokuthi uBlack Coffee uzwakale ebiza intokazi ngo-"Baby."

UBLACK Coffee, enosolwa ngokuba yintombi yakhe entsha uVictoria Gonzalez Isithombe:FACEBOOK

Kwenzeka lokhu nje, uBlack Coffee uke wakhonjwa kumlingisi uSarah Langa kodwa ubudlelwano babo abubanga nesikhathi eside. Okwenza abantu bashaya amakhala ngobudlelwano bukaBlack Coffee noSarah ukuthi basuke babonakala emcimbini owodwa.

Ubudlelwano bukaBlack Coffee no-Enhle Mbali buqale ukumfimfa ngo-2019, uDJ usanda kudalula ukuthi lokho kwadalwa wukuthi bobabili babefuna izinto ezingefani ngesikhathi.

Waveza ukuthi akaziboni eshadelwa okwesibili ngoba ufunde lukhulu ebudlelwaneni bakhe no-Enhle Mbali, osanda kuveza ukuthi uBlack Coffee umnikeza isondlo sikaR50 000 ngenyanga.