UNETHEMBA lokubuya nendondo kowamaCrown Gospel Awards uMfundisi uBhekani King Mncube. isithombe: sithunyelwe
UNETHEMBA lokubuya nendondo kowamaCrown Gospel Awards uMfundisi uBhekani King Mncube.
UMncube ongowaseMadadeni, eNewcastle, uneminyaka eyevile kweyishumi emculweni wamaZion wokholo futhi usesebenze nabantu abafana noMbhishobhi uVusi Gama.
Exoxa neSolezwe uthe ukuqokwa kwakhe Nezithunywa Zikamoya emunxeni weBest AmaZion kumjabulise kakhulu ngoba ubengakulindele.
Uthi basebenze ngokuzimisela kule albhamu osihloko sayo sithi Kwakufanelekile, ephume ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kanti nabathandi bomculo waseZion bayamukele kahle kakhulu.
“Kuyisibusiso esikhulu kimi ukuthi nelami igama libizwe ohlelweni lomcimbi omkhulu kangaka emculweni wokholo. Le albhamu esiqokwe ngayo siyikhiphe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Yize ngivame ukusebenza nabesilisa kuphela, kulokhu ngibize nembokodo enamava emculweni waseZion futhi ifike yashukumisa inkundla,” kusho lo mfundisi.
UMncube uthe uyaqala ukuphakanyiselwa lkuezi zindodo futhi ubona umcimbi wakulo nyaka uzoba mkhulu kakhulu.
“Ngiwuthakasele kakhulu lo mcimbi njengoba usenkundleni iFNB futhi ngiyabona ukuthi igiya linyuke kakhulu kuwona. Ukubuya nendondo kuzobe sekuyisibusiso esengeziwe ngoba ukubona-nje igama lami lilapha phezulu kukodwa kuyangithokozisa,” kuqhubeka yena.
Lo mfundisi okhonza ngaphansi kukamengameli uMM Mkhize eNyonini eNewcastle uthe wesekwa kakhulu ngabazalwane abehlukene ngoba yonke indawo lapho eqhamuka khona bayamhalalisela futhi baveza ukuthi ngokwebanga aselihambile emculweni wokholo kumfanele ukuthola le ndondo.
Related Topics: