Ezokungcebeleka Umculo

Kumuncu eThekwini kubhuntsha umcimbi kaTasha Cobbs

Nonkululeko Nhlapo|Published

LUYANDA uhlu lwemicimbi yomculo ehoxiswayo ezindaweni eziningi kuleli.

Ekuqaleni kwaleli sonto, kuvele izindaba ezijabhisi abathandi bomculo we-hiip hop kwenziwa izinguquko ngomcimbi wesihlabani saseNigeria, uBurna Boy.

Ikhonsathi yakhe bekufanele ibe ngoMgqibelo mhla ka-23 enkundleni iFNB kodwa yahlehliselwa uDisemba ngoba amathikithi engadayisi kahle.

Kube nemizwa ehlukene ezinkundleni zokuxhumana ngalesi sinqumo. Babodwa ababone kuyisu elihle ngoba isimo somnotho kasisihle ebantwini abaningi. Abanye bakhale ngaye ngqo umnikazi womcimbi njengesahluleki, bebalula ukuthi kumathikithi angu-90 000 kusadayise kuphela angu-1500.

Kuthe kusenjalo, kwabe kuvela izindaba ezihlukile ngoPhil Mphela oyintatheli ezimele yezokungcebeleka.

UMphela uqinisekise ukuthi ikhonsathi kayisezukuba khona nhlobo nango mhla ka-16 Disemba okungusuku olusha obelubekiwe ngemuva kokuhlehliswa.

Ngokombiko okhishwe nguMphela, izizathu zokungaqhubeki kwekhonsathi kuthiwa wukuhluleka kwabahleli balo nokugcina izethembiso abazenzile ngokwesivumelwano esisayiniwe.

Kusabhekwe lokho, kwavela omunye umbiko ngabeSowetan, okhomba ubuqola njengesizathu esenze kwagqabuka igoda phakathi.

Leli phephandaba liveze ukuthi uSedote Nwachukwu oyiCEO yenkampani iTernary Media Group okuyiyona ebihlela umsebenzi wokuletha lo mrepha kuleli, umisiwe emsebenzini ngenxa yokusolwa wuphathina wakhe ngokuqola le nkampani imali elinganiselwa kuR10m

Kuthe kusalalelwa ekaBurna Boy, kwavela eyokuhoxiswa kwenye ikhonsahi ebizoba enkundleni iMoses Mabhida eThekwini ngoMgqibelo.

Lo ngumcimbi obuthakaselwa ngabaningi wesihlabani saphesheya somculo wokholo uTasha Cobbs. Le ntokazi ibizofika esiteji sekushisa bhe, kwazise bekubhekwe ukuthi uDumi Mkokstad noThina Zungu bayibhulele amazolo.

Okubuhlungu kubathandi bomculo wukuthi iyaqhubeka ikhonsathi yakhe eSunBet Arena eTshwane namuhla kanti naseKapa kuzoqhubeka njengoba bekuhleliwe kusasa.

Ukuhoxa kwekhonsa kukhalise uThinah Zungu onikele kwiFacebook ezwakalisa ubuhlungu ngokwenzekile nokuthi unqabe eminye imicimbi ngoba ebheke ukunandisa kulo.

Abantu abebenamathikithi bathunyelwe imilayezo eqinisekisa ukuthi bazobuyiselwa imali yabo ngoba ungasezukuba khona umcimbi.