Ezokungcebeleka Umculo

Ubhekwe ngabomvu uBoity obuya emculweni

Bongiwe Zuma|Published

UBOITY Thulo ojabulise abaningi ngokubuyela estudio somculo Isithombe: INSTAGRAM/ BOITY

UBHEKWE ngabomvu usaziwayo wakuleli ongumrepha wesifazane, oveze ukuthi usebuyele estudio upheka umculo omusha. UBoity Thulo ongumethuli wezinhlelo zethelevishini, abe ngumculi, aphinde abe ngumlingisi, utshele abalandeli bakhe ukuthi usekulungele ukuphinde akhiphe umculo. Ube esekuveza nokuthi kuyimanje usestudio kukhona asebenza phezu kwakho nokuzothokozisa abaningi.

" Ngibuyele estudio, ngithathe isinqumo sokudlala nenye yezingoma engizithandayo," kubhala uBoity emakhasini akhe ezokuxhumana. Kungene nabanye ozakwabo bemjabulela kanjalo nabalandeli.

" Ngiyakuthanda, bese sikukhumbule," kusho u-Anele Zondo, ongusaziwayo nomculi wakuleli.

" Yah, kade salinda," kujabula uGorgeous Mbali.

" Ngiyalithanda izwi lakho lehlukile, angisakwazi nokulinda," kusho omunye wabalandeli bakhe.

Kuzokhumbuleka ukuthi uBoity wathola udumo emculweni kulandela ukuthi kusabalale ivideo yakhe enandisa ohlelweni lwethelevishini iClub 808, eminyakeni embalwa edlule. Kusukela lapho waba nogazi kwabaningi bewuthakasela umculo wakhe, okubalwa nengoma ayenza noNasty C, ethi Wuz Dat eyalandelwa i-EP.