Ezokungcebeleka Umculo

Umaskandi ushisa izikhotha e-UK naseZimbabwe

Charles Khuzwayo|Published

UMAQHINGA Hadebe noTsungai Tsikarai baqophe umucu oshisa izikhotha emazweni angaphandle Isithombe:SITHUNYELWE

UMCULI kamaskandi waseMpangeni, uMaqhinga Hadebe, usematheni e-United Kingdom naseZimbabwe ngenxa yenoni lakhe elishisa izikhotha kula mazwe elisihloko esithi Ivila.

Okwenza le ngoma idume emazweni yingoba uMaqhinga ucula ngokuhlanganyela nentokazi edabuka eZimbabwe kodwa esizinze e-United Kingdom, uTsungai Tsikarai.

UMaqhinga uthe kumjabulise kakhulu ukusebenza nomculi amhloniphayo futhi osedume umhlaba wonke ngoba kuzomvulela iminyango eminingi phesheya kwezilwandle.

"Kube yinto enhle kakhulu ukuthi ngisebenze naye futhi lokho kuzobukhulisa ubuhlobo nobungani enginabo neZimbabwe." Uthe umculo wakhe uqale ukwaziwa eZimbabwe emuva kokuqopha nembongi edumile khona, u-Albert Nyathi.

UMAQHINGA Hadebe noTsungai Tsikarai baqophe umucu oshisa izikhotha emazweni angaphandle Isithombe:SITHUNYELWE

"Leli culo engilenze noTsungai ngiyathemba ukuthi baningi abasazolithokozela futhi sengikhethe nokulifaka kwi-albhamu yami engizoyikhipha kulo nyaka.

Ngiyabonga kakhulu kwabakholelwa emisebenzini yami," kusho uMaqhinga osesebenza noDavid "Qadasi" Jenkins futhi oke wasebenza noSolwazi Joseph Shabalala neLadysmith Black Mambazo emdlalweni weshashalazi, UNomathemba.

Imizamo yokuzwa ukuphawula kukaTsungai ayiphumelelanga kodwa Isolezwe ngoMgqibelo lithole ukuthi uqale ukungena emkhakheni wezokungcebeleka kusukela eneminyaka ewu-15.

Uqale ngokulingisa emdlalweni weshashalazi omzungezise iZimbabwe namaphethelo ngaphambi kokuzungeza umhlaba. Ukufudukela e-UK kwenzeke ngo-2002. I-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Rova Ngoma uyikhiphe ngo-2016.

"Ngihlose ukufukula, ukujabulisa, ukufundisa nokugqugquzela abantu ngomculo wami. Ngiyaqhubeka nokuqhakambisa abantu besifazane emculweni, ngokusebenza ngokuhlanganyela nabo nokwabelana nabo ngamava esenginawo.

Ngiyakholwa wukuthi ngokubumbana singagqabula amaketango futhi sizuze okukhulu," kubhala yena kwisizindalwazi sakhe.