UPRINCE Kaybee osememezele ukuthi sekhululiwe abe-Universal Musi Group Isithombe: FACEBOOK/ PRINCE KAYBEE
UBONGA inkululeko uDj wakuleli omemezele ukuthi siphelile isivumelwano sokusebenzisana phakathi kwakhe nesikhondlakhondla senkampani yomculo, i-Universal Music Group. Lokhu kwenzeka emuva kweminyaka eyisishagalombili uPrince Kaybee, esebenzisana nenkampani. "Ngikhululekile, emuva kweminya eyisishagalombili," kubhala uKaybee ekhasini lakhe lezokuxhumana maqede wabhansela ngenhliziyo.
UKaybee akagcinanga lapho uyinameke njengoba injalo incwadi eqinisekisa izindaba ngesivumelwano ukuze wonke umuntu azibonele.
Kucace obala ukuthi izindaba zifike kahle ngoba bekungathi abalandeli bakhe kade bezilindele ngoba bazwakalise injabulo futhi bambongela. Athulanga abanye osaziwayo, nabo bambongelile uKaybee.
"Ngiyakujabulela kakhulu," kusho u-Unathi Nkayi.
"Usuku oluhle lwenkululeko," kusho uMgarimbe.
"Izindaba ezimnandi kakhulu lezi baba, ngiyakujabulela kakhulu," kusho uLeseli M.
"Bese kufanele manje sicela umculo omusha, ngiyazi unawo," kusho uMpatleng Maubane.
Related Topics: