UKHUZE ibuya umcimbi iCotton Fest osungulwe ngonyaka odlule, uhlelwa wumrepha ongasekho emhlabeni uRiky Rick.
Ngonyaka odlule ubungomhla ka 23 Ephreli emva kokuhlehliswa kwawo osukwini obuhlelelwe lono ngenxa yokudlula emhlabeni kwalo mrepha owazibulala.
Umkakhe wathembisa izwe lonke ukuthi uzoqhubeka umcimbi, ngenhloso yokugcina nokuvikela umlando womyeni wakhe.
Kulo nyaka, umcimbi ubusezingeni eliphezulu kwazise bezintathu iziteji obekunandisa kuzo abaculi noDJ abahlukene. Umcimbi ubuse-UCF Sports Club ngoMgqibelo, kusukela ngo-12 emini kwaze kwashaya u-12 ebusuku.
Ngale komculo bekuhlelwe izinto eziningi ezilekelela nabanye osomabhizinisi ukuba bakhangise imisebenzi yabo, izindawo ezidayisa ukudla. Ukuze kuqinisekiswe ezokuthutha, ibikhona nendawo ehlelelwe ukuma izimoto ezikhokhelwa ngebanga.
Abathandi be-hip hop baphume ngobuningi babo ukuzothamela umcimbi kushintshana omrepha noDJ abahamba phambili ezweni.
Joburg is rocking at UCF SPORTS CLUB🤾![CDATA[]]>🏽#cottonfest #cottonfest2023 #CF2023 #universityofcottonfest #UCF2023 #UCFSPORTSCLUB #UCFSC pic.twitter.com/4lsOUMZRY5
— CottonFest (@CottonFestJHB) February 4, 2023
Grotman @casspernyovest you have never met ths heaters in real life🦁![CDATA[]]>🔥#cottonfest2023 #cassper pic.twitter.com/N1ZxoOQn4W
— Masego Suddën (@MasegoMoreson) February 5, 2023
The best place to find day 1 fans of @reece_youngking is at #CottonFest2023 #Cottonfest pic.twitter.com/NDrMllcs52
— Bongani Baloyi (@Bongani_RSA) February 4, 2023
Related Topics: