Ezokungcebeleka Umculo

Injabulo ekaKing Monada ihlukanisa unyaka

Nonkululeko Nhlapo|Published

KUBE yinjabulo yodwa kubathandi bomculo eLimpopo intandokazi yabo ihlukanisa unyaka emisakazweni yasekhaya. Isithombe: Twitter

ABATHANDI bomculo bahlukene phakathi ngengoma ehlukanise unyaka, kodwa eLimpopo bajabulele uKing Monada odle umhlanganiso emisakazweni eminingi kulesi sifundazwe.

Injabulo kaMonada imbozwa yizikhalo mayelana nengoma ka-KO ehambe phambili emisakazwenii eminingi, ngaphandle koKhozini FM olukhethe ingoma yeBig NUZ ethi Ngeke ehambe phambili.

Abaningi bathi iSete yingoma ebilokhu ihamba phambili ngokudlalwa ezweni lonke unyaka wonke, ifanele ukudla umhlanganiso.

Yize kunjalo, ingoma yeBig NUZ ithakaselwe ingakakhishwa nokukhishwa, lwaqina uthando lwayo sekudlula emhlabeni intandokazi yabaningi uMandla Mampitsha Maphumulo.

U-DJ Tira uphumele obala nkonzweni kaShimota yesikhumbuzo, ngokuthi uzonikela ngamavoti engoma yakhe ukuxhasa iqembu laseMlaza, ukuze baqinisekise ukuthi ngempela iNUZ iyona ezosifaka onyakeni omusha.

Ingoma yeBig NUZ ivunywe nawuCassper Nyovest, ofake i-video ezinkundleni zokuxhumana ethakasele ukuzwa le ngoma idla umhlanganiso kuKhozi FM.

Imiphumela yezinye iziteshi zomsakazi imi kanje: