Ezokungcebeleka Umculo

Umaskandi ethubeni lokuhlukanisa unyaka

Charles Khuzwayo|Published

USKWELETU uyena osaqengqeleza phambili kwiTop 10 ngengoma ethi Inja Endlini Isithombe:FACEBOOK

UMCULI kamaskandi, uMasethembe "Skweletu " Chiliza waseMzimkhulu usazihola phambili ngamavoti kuleli sonto kwiTop 10 yoKhozi FM. USkweletu, wodumo lwengoma ethi Inja Endlini, ngumculi osengaphansi kwenkampani yesihlabani salo mculo, uKhuzani Mpungose, iNdlamlenze Music Productions. Ezithendeni zikaSkweletu kuhlezi omunye umaskandi waseMidllovo, uSibonelelo "Ithwasa Lekhansela" Majola ngengoma ethi Kawungondli.

Izingwazi zekwaito ezisanda kukhuza ibuya endimeni yomculo, iBig NUZ, sisendawni yesine ngengoma ethi Ngeke. Umrepha waseMpumalanga kodwa owaphothula uGrade 12 eMlokothwa High kwaNongoma, uNtokozo "K.O" Mdluli, ulele isihlanu ngenoni lakhe elithi Sete.

Umrepha waseBergville, uJabulani "Big Zulu" Nene, usahleli endaweni yesithupha ngengoma ethi Voicemail. UMthokozisi "DJ Tira" Khathi wakwaHlabisa usatabalasa endaweni yesikhombisa ngengoma ethi Usikilidi. Imbangela yalokho ukuthi ukhankasela ukuba lo mklomelo uthathwe yiqembu elingaphansi kwenkampani yakhe, iBig NUZ.

Endaweni yesikhombisa kuhleli uSinethemba Malungelo Ngwayo ngeculo elisihloko sithi Ngidlisiwe. Intokazi yaseChesterville, uNonhle "Skye Wanda" Mhlongo, usahleli kunombolo 9 ngengoma ethi Amazwi kanti uThemba "DJ Maphorisa" Sekowe uyibambe emsileni ngengoma ayididiyele noVisca esihloko sithi Ba Strata.

Ukuvotela laba baculi kuvalwa ngomhlaka 31 Disemba ngo-12 emini.

ITHWASA Lekhansela lilele isibili kwiTop 10 yoKhozi FM Isithombe: FACEBOOK/ITHWASA

UBETUSILE usendaweni yesithathu kwiTop 10 yoKhozi FM Isithombe:FACEBOOK

UDJ Tira ekakwe nguMampintsha noDanger beBig NUZ. Lezi zinsizwa zidlana imilala kwiTop 10 yoKhozi FM Isithombe:SIGCINIWE