Ezokungcebeleka Umculo

Umunyu uCassper ekhumbula uDJ Sumbody

Nonkululeko Nhlapo|Published

ZILOKHU zigeleze njalo izinyembezo emndenini kaDJ Sumbody njengoba kuhlanganyelwe esontweni iLewende Woord Church, eCenturion, enkonzweni yakhe yesikhumbuzo.

Kwi-video kubunakala umama wakhe namalungu omndeni wakubo bengena behlaliswa phansi, kubonakala ukuthi ubuhlungu busebusha kakhulu.

Osaziwayo nabangani bashiyelane inkundla bekhumbula imisebenzi emihle ka-Oupa John Sefoka njengoba abaningi bebalule ukuthi ube nosizo ekuthuthukeni nasekugqameni kwemisebenzi yabo.

UCassper Nyovest obekwaziwa ukuthi usondelene kakhulu nalo somabhizinisi obenezindawo zobumnandi ePitoli naseKapa futhi engusomatekisi, uhlulekile ukuzibamba izinyembezi ekhumbula ukuthi uSumbody ngumuntu owayenothando futhi neqiniso.

“Wayengumuntu obungamthinta noma yinini, ngisho umtshela iqiniso elinjani, wayengashintshi, noma ningaxabana kangakanani kodwa lwalungashintshi uthando lwakhe ngawe.”

Udlulise amazwi enduduzo emndenini, kumaqondana wakhe nabebambisene nabo ebhizinisini nezisebenza zakhe, ethi uyazi kubuhlungu kodwa kuzodlula.