Ezokungcebeleka Umculo

Kuphenywa abasebenzi basendlini ngokuphangalala kwendodana yomculi

Nonkululeko Nhlapo|Published

UDAVIDO nengoduso yakhe uChioma nendodana yabo okuvele ukuthi igwilize ibhukuda ekhaya kubo eBanana Island ngoMsombuluko, isithombe: TWITTER

ALOKHU angene njalo amazwi enduduzo ngendodana yomrepha waseNigeria uDavido edlule emhlabeni.

Kuthiwa u-Ifeanyi Adeleke oyindodana kaDavido nengoduso yakhe engumpheki uChioma Rowland uminze ebhukuda ekhaya kubo eBanana Island, eLagos ngoMsombuluko.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi uDavido noChioma bengekho, besemcimbini womndeni. Imibiko yabezindaba eNigeria iveza ukuthi amaphoyisa apheka ngemibuzo abasebenzi abayisishiyagalombili ngalesi sigameko.

U-Ifeanyi udlula emhlabeni-nje usanda kugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngesonto eledlule nokuyinto eyavezwa wumama wakhe ngomlayezo wothando enkundleni u-Instagram.

Osaziwayo abavela emazweni ahlukene banikele ezinkundleni zokuxhumana ukudlulisa amazwi enduduzo kulaba bazali.