Ezokungcebeleka Umculo

Umculi usolwa ngokuqola abanye imali

Nonjabulo Bhengu|Published

UMCULI uNtaba Yase Dubai osolwa ngokuqola abanye imali Isithombe: FACEBOOK

UMCULI we-Afro pop, uLindokuhle "Intaba Yase Dubai" Msomi, usolwa ngokubaleka nezimali zabantu ebebebambe iqhaza emcimbini wakhe, i-All White Summer Shandis, KwaDukuza, ngoJulayi 30.

Usomahlaya, uHalo M usole umculi odume ngokucula engomeni kaBig Zulu ethi Imali Eningi, ngokumfukuzisa maqede wamshiya obishini njengoba esehamba ethuka izanya.

UHalo M uthe sekunabantu ababesebenza emcimbi wakhe asebemsongela ngokumenzakalisa uma engabakhokheli izimali abakweletwa zona yiNtaba Yase Dubai.

USOMAHLAYA uHalo M, osola umculi uNtaba Yase Dubai Isithombe: FACEBOOK

Uthe emuva kokuhlela umcimbi owaba yimpumelelo noNtaba Yase Dubai, akakakhokhelwa ekubeni nonogada abebesebenza emcimbini abakayitholi imali yabo.

UHalo M uthe useyasaba ukwenzakaliswa ngoba onogada bafuna imali yabo kuyena futhi yonke indawo lapho ehamba khona bayamvimba babuze ngayo.

“Ngihlale ngithola izingcingo nemiyalezo engisongelayo kwiWhatsApp, bengibuza ukuthi iphi imali yabo. Ngolunye usuku bama eduze kwemoto yami ​​endaweni yokupaka, befuna imali yabo ngomsebenzi abawenzile,” kuchaza uHalo M.

Eqhubeka uthe uNtaba YaseDubai bayazana ngoba bewomkhaya futhi bebehlale befisa ukusebenzisana.

Ethintwa uNtaba Yase Dubai, uthe uwenze yedwa umcimbi, ube eseqasha abantu abanjengoHalo M ukuthi basebenze.

“Akukho mali engiyikweleta uHalo M. Wonke umuntu owayeqashiwe wakhokhelwa. Ngiyaxakeka uma uHalo M esefuna imali ekubeni ayithola,” kusho Intaba yaseDubai

Uthe wonke umuntu wakhokhelwa ngokheshi, ngakho abukho ubufakazi obukhombisayo.

UNtaba yaseDubai uvumile ukuthi wambhlokha uHalo M kwiWhatsApp.

“Kuyacaca ukuthi ulwa impi yakhe yedwa. Mina angazi lutho futhi kuyangidida ukuthi kungani enza lezi zinsolo,” kuphetha uNtaba Yase Dubai.