BAFUNA lixolise Igcokama Elisha abafowabo kaFihlezakhe Mnomiya, owayengumculi kamaskandi ngokululaza igama lakhe kwiFacebook ethi wayekiptile isithombe: Sigciniwe
UMthandeni “Igcokoma Elisha“ Manqele uvuke ekuseni ngeSonto wabhala ekhasini lakhe likaFacebook ukuthi uZama ”Zulu Glamour“ Mthalane ongumethuli wohlelo lukamaskandi njalo ngoLwesihlanu kwiYouTube, Umbuso Wamaciko, wathi kukhona la emazela khona, wathi uNksz Mthalane wayekipitile ehostela eliseMlazi kwaT.
Ubhale wathi le ntokazi yayikipite noFihlezakhe Mnomiya (uMthandeni ayemgidela ongasekho emhlabeni) wathi kodwa manje uyamangala uma esehlangana nabantu abayizitha zakhe ukumhlasela.
“Ngimazela eMlaza e17, kwaT, ehostela, yena wayemuhle umntanomuntu. Ngaleso sikhathi lo sisi wayekipite nensizwa yaseMakhabeni, uFihlezakhe Mnomiya, abaningi bayayazi, yayingumngani wami omkhulu ngisafufusa. Kodwa ngeshwa ke uNkulunkulu wavele wasephuca yona, seyasishiya emhlabeni,” ubhale kanje.
Eqhubeka ebhala, uthe akakhumbuli ngisho nangelilodwa ilanga lapho ebapopola khona uma bezitika ekameleni. Uyamangala kodwa uma uNksz Mthalane esehlangene nezitha zakhe ukululaza igama lakhe.
Lokhu kuza emuva kokuba uNksz Mthalane ohlelweni lakhe ayememe ababengamagidangoma kaMthandeni, uPolo Makhoba noMashonisa.
Le ntokazi ibe isibabuza kuze kube kathathu ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi uMthandeni uthandana nabanobulili obufana nobakhe? Akapholisanga maseko uMthandeni, wavuka ngeSonto wayihlaza kwiFacebook.
Ube esezifakela isigcwagcwa kubafowabo baFihlezakhe njengoba umbhalo wakhe ubacasulile bafuna nokwaziukuthi ukuxabana kwakhe noNksz Mthalane kumfaka kanjani uFihlezakhe.
UFalakhe Mnomiya, ongumfowabo kaFihlezakhe, uthe njengomndeni bafisa ukwazi ukuthi uMthandeni ukuthathaphi ukuthi uFihlezakhe wayekipite nentombi ngoba ngokwazi kwabo, yamisa iduku kwenziwa zonke izimfanelo.
Kuthe sekumele kuyokhokhwa amalobolo, kwaba khona izinxushunxushu ezaholela ekutheni bahlukane, kodwa abakaze bakipite.
“Kuyasimangaza futhi nokuthi abhale ngomfowethu ongasekho alulaze igama lakhe enkundleni yokuxhumana. Ulithathaphi ilungelo lokufaka isithombe sikamfowethu kwiFacebook engakhulumile nathi njengomndeni?” kuqhuba uFalakhe.
Uphinde wathi bafuna uMthandeni axolise ngalo mbhalo wakhe ngoba ucekela phansi igama likamfowabo ngoba nakhu engekho ukuzoziphendulela.
Imizamo yokuthola uZama “Zulu Glamour” Mthalane ayiphumelelanga kanti noMthandeni, ucingo lwakhe belungangeni uma eshayelwa.