UMCULI owazakhela olukhulu ugazi kubathandi be-kwaito, uL’vovo Derrango, usethathe isinqumo sokuhoxa emcimbini obhekwe ngabomvu eThekwini, i-Cotton Festival, ezokuba ngomhla ka 2 Julayi.
Isitatimende esithunyelwe inkampani yakhe iYebophela Entertainment sithi, “Lezi zinyanga zibe ngezinzima empilweni yami, ngibone kufanele ukuthi ngizinakekele ngokubeka impilo yami phambili. Ngibonga ukwesekwa ngabalandeli bami ngokunjalo nabangani. Ngilokhu ngixhumana nodokotela wami, ongiluleke ngokuthi angithathe izinto kancane, kancane kuze kube ngilulama ngokuphelele,”kusho uL’vovo esitatimendeni.
Uthe ngemuva kwale ngxoxo ende nodokokotela wakhe ube esethatha isinqumo sokuthi ahoxe kwi-Cotton Festival. UL’vovo owadumo ngezingoma ezifana noBayangisukela, Resista, Inamandla nezinye, ube esexolisa nakubalandeli bakhe ngalesi sinqumo sakhe. “Ngifisa sengathi umcimbi wonke ungahamba kahle,” kuphetha uL’vovo.
UL’vovo uke waba sengozini yemoto waphinda washaywa isifo sohlangothi, ululamela ekhaya.
Uhoxa nje kulo mcimbi, intsha ewuhambelayo beyishaya amakhala, ibuza ukuthi uyaphi uL’vovo, noDJ Bongz kanjalo noProfessor. Beyikhala ngokuthi badala kanti lo mcimbi owayo njengabantu abasha.