INKAKHA emculweni we-Jazz, uMadala Kunene, uthi ukulinde iminyaka engu-60 ukuhlonishwa ngeziqu zobudokotela kulo mkhakha akuwona.
Izolo uMadala uhlonishwe ngeziqu zobudokotela iNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN), ngegalelo lakhe emculweni.
Ekhuluma neSolezwe uthe, okwenzekile kufezekisa iphupho likagogo wakhe owayefuna ukuthi abe udokotela weziguli, futhi afunde agogode.
“Ugogo wayethi Mzwakhe okungelinye igama lami, ngelinye ilanga ngifuna ufunde kuloya mbhoshongo waseThusini, lenyuvesi yayaziwa kanjalo kudala. Ugogo wayefuna ngibe udokotela weziguli kodwa ithalente langikhomba emculweni ukuthi ngibe udokotela olapha imiphefumulo yabantu.
“Angifuni-ke ukuzibongela mina kuphela namhlanje nani zingane zami ngiyanibongela njengoba nethweswa iziqu namhlanje. Iphupho lenu nephupho labazali benu lifezekile. Ngiyazi ukuthi kulo luhambo lwenu lwemfundo kuningi enikufundile nenikuzuzile la kuleNyuvesi.
“Ngale kweziqu nithole abangani, abanye baze bathola nomaqondana. Ngithanda ukusho ukuthi kodwa yima kuqala-ke manje uhambo lwangempela,” kusho uMadala.
Uthe ukushaya isiginci wakuqala eneminyaka eyisikhombisa ngeminyaka yama-50s.
“Kuyona yonke leminyaka bengilindele ukuthi ngihlonishwe, ukufika kwalesi sikhathi kufike sengilahle ithemba. Kodwa-ke ukubekezela ngempela kuzala impumelelo. Nazo lezi zingane ebenginazo sithweswa sonke iziqu ngizitshelile ukuthi zibekezele kunoma yini eziyenzayo ngoba usuku luyeza.
“Ngiyabonga kubaphathi benyuvesi nakuDr Bheki Mthembu okunguye ebengixhumana naye kusuka sikhuluma ngalokhu kwaze kwafezeka manje,” kuchaza yena.
Izolo uthe ubegcwele usizi kodwa lonke belwenziwa ukucabanga lapho asuka khona.
Le nkakha kuleli ishiyelane inkundla nabaculi okukhona kubo uDoc Mthalane, Songamasu, Shor Phillips, Mankunku Ngozi, Busi Mhlongo, Sipho Gumede, Hugh Masekela, Syd Kitchen, Themba Mokoena, Mabi Thobejane nabanye.
Phesheya kwezilwandle usebenze nabaculi okukhona kubo u-Airto Moreira waseBrazil, Max Laesser, Ali Faque, Andreas Vollenweide nabanye.