ISILOMO somlingisi uKhaya Dladla sithi sesinomculo omusha esiwuqophile esingawukhipha noma yinini kodwa kuningi esisakufunda ngawo.
UKhaya, ogqame edlala indawo kaGC kuZalo, uke wapikwa engomeni kaGabriel YoungStar ethi Indovozi phambilini. Wapikwa nakwethi Ingoma yakhe futhi uGabriel YoungStar.
“Nginawo umculo osuphelele kodwa ngiyasaba uma sekumele ngikhiphe, ngivele ngishaywe wuvalo. Inkinga yami wukuthi ngifuna ukwenza into engenaphutha Ngivele ngithi sengizilalela izingoma ngizwe ngathi kukhona esengingakushintsha,” kusho uKhaya.
Uqhube wathi okunye okumenza angakhiphi yingoma noma ewazi umculo kodwa ibhizinisi lawo angakaliqondi kahle.
“Ngisafunda ngomculo, yingakho ngihlala kakhulu nabantu abafana noDJ Tira noBusiswa ngoba bayangeluleka ukuthi kumele ngenze kanjani. Angifuni ukuthi ngicule kodwa ngingayenzi imali. Kunabaculi abanezingoma ezishisa izikhotha kodwa sekuphele iminyaka bengayitholi inkokhelo ngazo. Ngiyalusaba udumo olungenamali,” kuchaza uKhaya.
Lo mlingisi, odlala indawo kaLazarus kwiHouse of Zwide ku-e.tv, uthe noma ewuthanda umculo kodwa ukulingisa kusahamba phambili.
Uveze ukuthi ababukeli balo mdlalo osanda kuqala isizini yawo entsha bazobhema bakholwa ngabazokubona.
“Angijwayele ukujabula kanje kodwa ngithe ngibona umbhalo ngomdlalo ngachazeka. Abantu ngeke basuke kumathelevishini abo ngoba kuza abalingisi abasha abazobonakala maduze.
“Abantu bebefuna ukuthola iqiniso ngo-Ona manje seliphumile, kuningi okunye okusazovela okuzowenza sinyukelwe kakhulu yizibalo zababukeli,” kusho uKhaya.
Ngempelasonto, uhlomule ngendondo yeBest Supporting Actor kumaSimon Mabhunu Sabela Awards abeseThekwini.
Unqobe ngendawo kaNxebalendoda abeyidlala kwisizini yesibili yeEhostela.
“Kuyangijabulisa ngoba bengiqokelwe ngento ehlukile. Ngake nganqoba phambilini ngisalingisa kuZalo kodwa kulokhu yi-Ehostela. Kusho ukuthi umsebenzi usabonakala. NoMandla N (umdidiyeli wesizini yesibili ye-Ehostela) ujabule ngoba baningi ababefuna ukudlala lo mlingiswa. Abanye babecabanga ukuthi ngeke ngikwazi,” kusho lo mlingisi ophinde abe ngumsakazi wohlelo lwantambama phakathi nesonto kwiGagasi FM.