SEKUVULIWE ukungenela amaMetro FM Music Awards abuyela eMbombela, eMpumalanga, ngo-Ephreli 27, nonyaka.
Le miklomelo ikhuze ibuya ngonyaka odlule ngemuva kweminyaka yagcina ukusingathwa.
Kulo nyaka ama-awards azobuya esenabaxhasi abasha okuyiMotsepe Foundation ejoyina uhulumeni waseMpumalanga.
Ukungenela kuvulwe ngoLwesine, kanti kuzovalwa ngoFebhuwari 28, kwi-website yemiklomelo ethi metrofmmusicawards.co.za.
Ngokwemigomo nemibandela, kuvuleleke kwabakhiphe umculo phakathi kukaFebhuwari 28 nyakenye, noFebhuwari 28 kulo nyaka.
Isiyonke iminxa ingu-22 futhi ivumelekile ukuvotelwa ngabantu ngaphandle koweLifetime Achievement noweMost Streamed Song.
Emunxeni ngaminye kuzoqokwa abathathu kuya kwabahlanu kanti bazomenyezelwa ngoMashi 14. Ukuvota kuzovulwa ngoMashi 25 kuya ku-Ephreli 21, kuthi ukuvotela iSong of the Year kuvalwe ngosuku lomcimbi.
Isikhulu esengamele imisakazo eSABC, uNada Wotshela, sithe kuyabajabulisa ukuthi umcimbi wanonyaka uzoba ngosuku lweNkululeko.
“Umcimbi wamaMetro FM Music Awards wango-2024, ukhombisa ukuzinikela kweMetro FM ekuthuthukiseni imboni yomculo yaseNingizimu Afrika,” kusho uNada.
Inhloko yoMnyango wezamaSiko, imiDlalo nezokuNgcebeleka eMpumalanga, uGodfrey Ntombela, ithe ngale miklomelo sebetshale imali enkulu kwezobuciko futhi bathuthukisa ezokuvakasha esifundazweni.
“Kulo nyaka imiklomelo izoba mikhulu futhi ibe ngcono ngakho sikubheke ngabomvu ukwamukela izivakashi emcimbini.”
Umcimbi wangonyaka odlule wawuseMbombela Stadium ngoMeyi 6.
Uhlelo lwawo lwaluphethwe ngumsakazi weMetro FM, uLerato Kganyago nomethuli wezihlelo zethelevishini, uKatlego Maboe.