USEPHILA ngokufaka i-airtime ne-data ukuze ancenge ingoduso yakhe uNondumiso Mthanti (28), emshiyile umaskanda emva kokubona i-video yocansi.
UKhawulani Mbambo, okuyigama likaNjoko langempela,kuthiwa ulaxazwe yingoduso yakhe icikwa wukuthi uvele kwi-video yengoma yakhe, ewotawotana nentokazi ethize sengathi baya ocansini. Abazithamunda zonke ezikamaskandi bathi uNjoko sewazishaya zonke izinkomo waze wembesa abasekhweni ngakubo eNkandla, kodwa ubehlala nengoduso ePitoli.
Indaba inengoma ethi Wandile esecwecweni likaNjoko elithi Isiziba, lapho evela nale ntokazi yengubo ebomvu bemagange.
Kuthiwa yiyo kanye ivideo, edine ingoduso kwathi ayizisakaze uma iyibona, ikhala ngokuthi ayikwazi ukubona umyeni wayo nomunye umuntu wesifazane.
Kwenzeka lokhu nje uNjoko uyelulama engozini yemoto eyamehlela ehamba nomculi uMzukulu
Isolezwe ngeSonto libike ngeledlule nge-video okuthiwa ithukuthelise amabhinca, akhala ngokuthi iveza inkonzo yasekamelweni, futhi iyahlambalaza.
Kuthiwa ingoduso yakhe uNondumiso, abanezingane ezimbili nayo, icikwe yi-video yaqoqa imithwalo yahamba idinwa wukuthi, akacacisanga ukuthi uzovela enqunu kodwa izwe ngabantu bebabaza izimanga ezigilwa umyeni wayo kwi-video.
Ingoduso ikuqinisekisile ukuthi ihambile endlini abebehlala kuyona noNjoko.
“ Ngiyawuqonda umsebenzi wakhe futhi ngiyawuhlonipha, ngiyameseka. Wayeshilo ukuthi bazoshutha kodwa ngangingazi mina ukuthi babezokhumula babe nqunu kuvele izinqe. Ngisapholisa ikhanda ngicabange kahle le ndaba angazi noma ngizobuyela yini kodwa yena uyangincenga,’’ kusho uNondumiso.
Ephawula ngodaba uNjoko uthi ihambile ingoduso lapho abebehlala khona kodwa bayazama ukuyilungisa ngoba icikwe ukuthi ibingazi ukuthi uzovela ngaleya ndlela.
“Wayazi ukuthi kuzoshuthwa i-video kodwa engazi ukuthi kuzovela yonke le nto evelile futhi ucabanga ukuthi wumuntu amaziyo lo engivela naye. Sengizame kaningi ukuxoxa naye ukuze kulungiswe isimo. Okwamanje usahleli nodadewabo njengoba ephumile lapho esihlala khona,’’ kuchaza uNjoko.