NOKUBONGWA PHENYANE
ISIFO sikashukela sinqobe umculi uNomasonto Maswanganyi (37), oshonele esibhedlela i-East Rand, eGoli ngemuva kokungeniswa khona ngoLwesithathu ebusuku.
UNomasonto obedume ngelikaMshoza, waveza eminyakeni edlule ukuthi uhlaselwe ilesi sifo.
Kulo nyaka ube ngomunye wosaziwayo abaphumela obala ngokuhlaselwa iCovid-19.
Imenenja kaMshoza uThanduxolo Jindela ikhuluma neSolezwe, ithe iphathekekabi ngokudlula emhlabeni kwalo mculi.
“NgoLwesithathu ebusuku uhanjiswe esibhedlela kubonakala ukuthi ushukela wakhe uyamgulisa, ubesesimeni esingesihle ngesikhathi ehamba kodwa besingasho ukuthi sekungenzeka lokhu esikuzwile. Ushone ekuseni izolo esibhedlela,” kuchaza uThanduxolo okhiphe isitatimende esiqinisekisa ukushona kwalo mculi.
Kusona uveze ukuthi kubaphathe kabi ukudlula emhlabeni kukaMshoza.
“Lo mculi owazakhela igama ngengoma ethi Kortes ushone ngokuzuma ekuseni namhlanje (izolo). Siyohlala simkhumbula ngokusijabulisa kwakhe ngezingoma ezehlukene njengoba ebengumuntu okuthandayo ukuba sesiteji ejabulisa abalandeli bakhe,” kuchaza isitatimende.
UThanduxolo uveze ukuthi eminye imininingwane ngokudlula emhlabeni kukaMshoza bazoyimemezela maduzane.
Isolezwe belihoshe izindaba zokuthi lo mculi usesibhedlela.
Bekungacaci ukuthi yini emfake esibhedlela kodwa bekusolwa ukuthi impilo ayikaze ibe yinhle selokhu aphathwa yiCovid-19.
Kuvele ukuthi impilo yakhe ibicikiza selokhu asinda kuleli gciwane ngoba ubephuma engena esibhedlela.
UMshoza wazalelwa eMeadowlands, ngoJulayi 1, 1983.
Ungene endimeni yobumnandi njengomdansi eneminyaka eyishumi.
Ngo-1998 kuya ku-1999 wayengomunye wabadansi ababedansela iqembu lomculo wekwaito, iChiskop, edansela noMandoza owayeyingxenye yaleli qembu naye ongasekho emhlabeni.
Ngemuva kwalokho wabonakala ohlelweni iJam Alley, ecula ingoma yeChiskop ethi Abasazi okuyilapho owayengumethuli wohlelo uNimrod Nkosi no-Oscar Mlangeni bamfaka enkampanini iBullDawgz.
Lapho wakhipha i-albhamu ethi BullDawgz First Lady
ngo-2001.
Uke wanyamalala emculweni wabuya esekhipha ingoma ethi Abantu Bami, ngonyaka odlule ukhiphe ingoma yakhe yokugcina ethi Ayina Chorus.
NOMASONTO ‘Mshoza’ Maswanganyi