AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
ALIZANGE lingene enkantolo kamantshi eKapa icala elibhekene nomethuli wezinhlelo, uKatlego Maboe njengoba bekulindeleke avele izolo kule nkantolo. UMaboe bekulindeleke ukuba avele mayelana nokuphula umyalelo wenkantolo ovikela ukuba angasondeli eduze kwalowo ayethandana naye, uNksz Monique Muller.
UNksz Muller unencwadi evimbela uMaboe ukuthi angasondeli eduze kwakhe.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority, uMnuz Eric Ntabazalila, uthe: “Akazange avele enkantolo uKatlego namhlanje ekuseni. Ngesikhathi umshushisi ebona udaba olubhalwe ngaye ukuthi uzovela enkantolo, ube esefonela amaphoyisa.
“Utshelwe ukuthi udaba lusenkantolo namhlanje. Idokodo alizange lilethwe enkantolo. Ube eselicela, usalinde lona.”
UNtabazalila uthe akazi icala likaMaboe lizobuya nini enkantolo ngoba alikakleliswa namacala azongena.
UMaboe usanda kuba sematheni ezinkundleni zokuxhumana emuva kokuba kuvele i-video yakhe ezivumela ukuthi uke wangathembeka emshadweni wakhe ngokuthi alale nomunye wesifazane.
Ekhuluma nethimba lezokugcebeleka kwi-IOL uMoboe wakuphika ukuthi yena ubehlukumeza isithandwa sakhe, wathi udaba lusenkantolo. \
UMETHULI wezinhlelo uKatlego Maboe, obekulindeleke avele izolo enkantolo kodwa icala langangena