UMCULI futhi ongumethuli wezinhlelo uJub Jub, ubonge abantu baseNingizimu Afrika ngokumxolela nangokumnikeza elinye ithuba lokuqala kabusha impilo ngesikhathi ethula ingoma ayenze kabusha inzuzo azoyenza ngayo azoyinikela emindenini yezingane azilimaza.
UJub Jub noThemba Tshabalala babeqhudelana ngezimoto amaMini Cooper ngesikhathi beshayisa izingane ezine – Prince Mohube, Andile Mthombeni, Mlungisi Cwayi noPhomello Masemola – zafa ngo-2010.
Baphuma ngoshwele ejele ngo-2017 emuva kokudonsa iminyaka emine.
NgoLwesithathu ebusuku ngeledlule esithangamini nabezindaba ebesisakazwa bukhoma kwiSoweto TV, uJub Jub umemezele ukuthi wenze kabusha ingoma yakhe yango-2007 eyayishisa izikhotha, iNdikhokhele.
“Ngithanda ukubonga iNingizimu Afrika ngokuba yisizwe esixolayo. Ngiyabonga ngokunginika elinye ithuba, ngiyabonga ngokuba nami,” kusho uJub Jub.
Uthe ngesikhathi secala waphelelwa yimali waze wafonela uBenjamin Dube noRebecca Malope abamnika imali.
Uthe engomeni yakhe upike uBenjamin Dube, Judith Sephuma, Rebecca Malope, Lebo Sekgobela, Mlindo The Vocalist, Black Diamond noNathi Mankayi.
“Laba bantu bakhethwe ngokukhethekile wuNkulunkulu, hhayi mina. Angikaze ngikhulume namenenja ngithathe ucingo ngabathinta ngqo bonke bavuma. Ngizohlale ngibonga kubo.”
Uthe yonke imali abazoyenza ngokudayiswa kwengoma, ephuma namhlanje, izoya emindenini yabathinteka ngo-2010.
“Yonke into izokwenziwa nemindeni. Ningangibuzi ukuthi kanjani ngoba basaphola futhi lokho ngithanda ukukuhlonipha. Nami ngiyakuhlonipha lokho ngoba ngisaphola.”
Uthe neMoja Love izoba nomnikelo ezowenza emindenini.
Uthe akaxhumani nemindeni futhi akaze ayibonge ngenxa yemithetho yokudedelwa kwakhe ngoshwele.
“Abantu abaningi bazobuza ukuthi kungani ngenza lokhu manje. Ngeke ngiqambe amanga, bengingenamali. Bengizama ukuvuka.”
U-JUB JUB wenze kabusha ingoma yakhe iNdikhokhele wapika abaculi abahlukene Isithombe: Instagram