UDj Bongs uthi ukubonakala kukasaziwayo wamafilimu waseHollywood uJamie Foxx edansa umdanso wakhe owaduma kuleli owaziwa ngegwaragwara kumfaka emabhukwini omlando.
UDj Bongs exoxa neSolezwe ngesasasa lakamuva lomdanso wakhe owaduma kuleli ngo 2016, uthe yize kukhona ababemngabaza, kodwa akalilahlanga ithemba ngomsebenzi wakhe osufinyelele emehlweni esilomo sase-USA uJamie Foxx.
UJamie Foxx ufake ivideo ku-Instagram enza umdanso igwaragwara ethi yiStanky Leg. Abantu batshele (uJamie Fox) ukuthi ngokaDJ Bongz bagcina sebexhumana naye.
"Isifiiso sakhe (Jamie Foxx) ukuthi sibe segunjini elilodwa siwenze lomdanso wami. Inkinga yethu ukuthi asikwazi ukunyakaza lapha eMzansi ngenxa yalesi simo seCovid-19 kodwa mina nethimba lami sizobona ukuthi simisa kanjani," kusho uDJ Bongz.
Uthe umdanso wakhe owango-2016 kodwa phesheya yima bazi ukuthi ngowakhe.
"Kusho ukuthi yonke into inesikhathi sayo. UNkulunkulu uma engakavumi usuke engakavumi. Ngeke uze usole muntu ngokwenza umdanso kodwa engasho ukuthi ngokabani. Manje kodwa okungokaDJ Bongz kubuyela kuye. Umlando phela lona ukuthi umuntu waselokishini enze umdanso othandwa yisilomo saseHollywood. Akushiwongo ukuthi ngiwine imali kodwa igama lami lingena emabhukwini omlando," kuchaza uBongz.
Uthe lokhu kuyisifundo sokuthi ungabalaleli abantu abakungabazayo kunalokho kumele ubheke lokhu ofuna ukukuzuza.
"Ababekhuluma kabi ngami sekumele bagwinye amazwi abo manje. Kade kwasa bethi ngiwile nginjani, njani kodwa uma ukholelwa entweni yakho kumele uyenze uNkulunkulu uyoze akuphendule. Ukube ngangilalela okwakushiwo ngabantu ngabe ngayeka ngasebenza efemini. Abantu ngeke bakuthande bonke ungemali. Ngineminyaka engu-20 ngisemculweni ngenza izingoma ezishisa izikhotha kodwa kunabasangingabaza namanje. Ngisho nalapha eThekwini abakaze babubone ubukhulu bethalente lami bahlale becindezela. Ngisho namanje benza sengathi ababoni mhlawumbe inkinga ukuthi sidla nabo inhloko kwaKotin. Kunzima ukubona ubukhulu bomuntu odla naye inhloko." kusho yena.