NOKUBONGWA PHENYANE
SEBEQALILE ukuqopha uhlelo oluzogxila empilweni yabo nezithinta ubudlelwane babo uBabes Wodumo (Bongekile Simelane) noMampintsha (Mandla Maphumulo), abasanda kuthembisana umshado.
NgoMsombuluko kuvele izindaba zokuthi basayine isivumelwano sokuqopha uhlelo oluzokhonjiswa esiteshini iShowmax.
Kuvele ukuthi isivumelwano esikaR3 million kanti uhlelo luzokwaziwa ngokuthi Uthando Lodumo.
Kuthiwa luzoqala ukukhonjiswa ngoFebhuwari.
Imenenja kaBabes noMampintsha uSibusiso Ncube, ikuqinisekisile kwiSolezwe ukuthi bayaqopha uhlelo.
“Uhlelo luzoqala ukuveza mhla becelana umshado, luzogxila kakhulu othandweni lwabo kodwa esikudinga kakhulu nabo abakufunayo, ukuthi uhlelo luthi luphela umshado omhlophe ube sewenzekile. Engingakusho nje ukuthi abantu bazolujabulela lolu hlelo njengoba sazi ukuthi bebefisa ukwazi okuningi ngalaba bobabili futhi befuna ukubona ukuthi baphila yiphi impilo,” kuchaza uSibusiso.
Uveze ukuthi uhlelo baluqopha noThomas Gumede noLungile Radu, abasebenzisa inkampani yabo ukuluqopha.
“Uhlelo luqoshwa inkampani iParental Advisory Productions, kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi impela luya kwiShowmax. Laba sisebenza nabo kahle kakhulu kuyabonakala ukuthi bangabantu osebenamava ekuqopheni izinhlelo ezifana nalezi,” kuphetha uSibusiso.
UNomsa Philiso obhekele izinhlelo zakuleli kwaM-Net, uthe uthando lwabo akekho ongazi ukuthi luke lwaba sematheni lubhekene nezinkinga.
“Banezinkinga ezinkulu njengabantu abaningi abathandanayo kodwa kukho konke bakhethe ukuthi bahlale ndawonye. Uhlelo luzogxila ekutheni yini abayenzile ukudlula kulezi zingqinamba ngokuhlanganyela nemindeni yabo. Lolu hlelo luzobheka izinkinga esibhekene nazo manje njengezwe okukhona kuzona ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane. Asihambisani nokuhlukunyezwa kwanoma yiluphi uhlobo kodwa sikholwa wukuthi abantu bakuleli bazoqala ukukhuluma ngalezi zehlakalo ngokubuka lolu hlelo,” kuchaza uNomsa.
Laba bake benza uhlelo olufana nalolu nesiteshi iMoja Love lwabhuntsha ngomzuzu wokugcina, bagcina befakane enkantolo, okungavelanga isizathu sokumiswa kwalo.
Imithombo yaveza ukuthi uBabes noMampintsha bashintsha umqondo ngokukhombisa lolu hlelo njengoba kukhona izinto okuthiwa azehli kahle ezaqoshwa bezenza.