UMSAKAZI weGagasi FM, uFelix Hlophe, usekhwele wadilika kuKini Shandu owayengumsakazi kulesi siteshi, wakhala ngokuthi umhlambalaza ezinkundleni zokuxhumana.
Kulezi zinsuku kunengxabano eshubile phakathi kukaFelix noKini, okuthiwa isuswe wukuthi uFelix uncome ukwenyuka kwezibalo zohlelo ayelwethula iMidday Shandis kwiGagasi FM, olwalubizwa ngeBig Bang lusashayelwa wuKini Shandu.
UFelix uthe iwubuthakathi into eyenziwa wuKini yokumhlambalaza ezinkundleni zokuxhumana.
“Akukhona ukudlala lento eyenziwa wuKini. Ngeke usho into engihlambalaza njengale ayishoyo uma kungukuthi uyazidlalela. Sengithathe isinqumo sokuthi ngingamphenduli ngoba ngiyabona ufuna ukungcolisa igama lami.
“Ufuna ngilwe naye bese kudicileleka isithunzi sami nesomsakazo phansi. Njengoba ngisebenza kwiGagasi FM kumele ngicabangele nesiteshi ukuthi engikushoyo kuzophoxa naso.
“Okwesibili nginomndeni nabantu abangilalelayo emsakazweni okuzobaphatha kabi ukuthi ngilokhu ngiphendulana naye. Yena akasebenzi futhi akukho okuzomlahlekela ngokudelela mina kodwa mina ngingalahlekelwa nawumsebenzi uma ngingaziphatha njengaye.
“Le nto ayenzayo akaboni ukuthi naye izomvalela amathuba okuthi aqashwe kwenye indawo ngoba usekhombisile ukuthi akakwazi ukuziphatha kahle,” kusho uFelix.
Uthe uyabona ukuthi uKini akasitholanga isikhathi sokudlala esemncane yingakho edlalela kuyena.
“Inkinga yakhe akawatholanga amathoyizi esemncane, yingakho edlala noma ingani. Mina uma ngifuna ukudlala ngingena egaraji ngiphume nethoyizi lokudlala.
“Angiboni ukuthi kulula kuyena ukuthi enze njalo ngoba akasebenzi ndawo. Ngeke uthi usemncane ngangaye ungakabi ngisho neminyaka engu-40, kube sekuthiwa wake waba wumsakazi, wake wethula uhlelo lwethelevishini, wake waba usomahlaya. Kumele uzibuze ukuthi yini le ekuxosha kuyona yonke le ndawo,” usho kanje.
Kuthintwa uKini, uthe ngokwakhe bebezidlalela noFelix ngoba wazi ukuthi bangabangani.
“Ngibona ukuthi ucasulwe ukuthi kunabantu abasuke basizakala ngamahlaya ebengiwenza ngaye ezinkundleni zokuxhumana. Ngokwazi kwami asinankinga nencane naye futhi ukugconana kusukele ekudlalisaneni kwethu. Kunabantu engibona ukuthi bebevele bemcuphile, abasizakele uma kukhona into embi eshiwo ngaye,” kuchaza uKini.
UFelix uncome uhlelo athe walufica lunabalaleli abangu-400 000 lwanyuka lwaba nabangaphezu kuka-900 000 selushayelwa nguyena.
UKini ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uFelix akangakhulumi ngezinamba ngoba mdala kunonkosikazi wakhe. Uveze nokuthi uFelix waqeda umatric ngo-1993 kodwa unkosikazi wakhe wazalwa ngo-2001.
Ugcine esethi kumele aveze nesitatimende sasebhange uma kungukuthi izibalo zenza abe nemali, wahlekisa nangobuntu bukaFelix.
Kwezinye zezinto abezibhala uKini, uthe uma enenkinga uFelix kumele eze kuye amphuzise ugologo wakhe omusha iKwaZulu Gin ukuze izinto zakhe zicace. UFelix uthe akanasikathi seKwaZulu Gin okungaveli nokuthi idayisaphi.
UKINI Shandu uthi ubezidlalela noFelix Hlophe ngokumgcona ezinkundleni zokuxhumana Isithombe: INSTAGRAM
UFELIX Hlophe uthi iwubuthakathi into eyenziwe wuKini Shandu yokumhlambalaza ezinkundleni zokuxhumana Isithombe: INSTAGRAM