UMCULI wodumo lwegqom’, uBabes Wodumo, uthi abantu abaphume ezindabeni zabo zakudala, zidlulile, njengamanje yena nesoka lakhe eliwumculi uMampintsha bangamathe nolimi futhi akukho lutho oluzongena phakathi kwabo.
UBabes ubephawula okokuqala selokhu kuvele izindaba zokuthenjiswa umshado yisoka lakhe uMampintsha ngesikhathi besezindlini zomsakazo waseThekwini iGagasi FM ngoLwesine ntambama.
Lezi zithandani sezethe uthando lwazo “NgoThando Lodumo”.
Engxoxweni abe naye naleli phephandaba uBabes uthe kuyimanje akakakholwa ngoba noma emthanda uMampintsha kodwa ubengazitsheli ukuthi usezocela umshado.
“Mina noMandla siyathandana, ngicela abantu bakhohlwe izinto ezimbi ezindala esezidlulile. Okubalulekile manje ukuthi siyaqhubeka nempilo. Ngijabulile kakhulu ukuthi angicele umshado okunye sesizokwenza ngokwezigaba zakhona asijahile nomshado asikakawuhleli,” kusho uBabes Wodumo.
Phambilini kuke kwaba nokudideka ebonakala uBabes Wodumo efake indandatho yomshado kwaze kwasolwa ukuthi laba bathembisene umshado kodwa bakuphika lokhu. Abantu abaningi baphawulile nangalesi sithembiso sikaMampintsha kuBabes Wodumo baveza nokuthi abasazi kahle okufanele bakusho kulezi zithandani ngoba zijwayele ukushintsha endleleni.
Ephawula uBabes mayelana nalokhu uthe nakanjani kulokhu ubethenjiswa umshado futhi ujabule kakhulu uyafisa nabantu bamjabulele ngoba le yinto enhle.
“Amantombazane amaningi ayawuthanda umshado futhi ayawujaha. Mina anginjalo bengingawujahile kodwa ngoba sekwenzekile kwangifica, ngiyajabula ngoba ngiyamthanda uMandla,” kusho uBabes Wodumo.
Phambilini uMampintsha watshela leli phephandaba ukuthi usekulangazelele ukuba ubaba aqale umndeni noBabes Wodumo. Yize kunjalo kodwa uBabes Wodumo uthe okwamanje abakakhulumi ngezingane ngoba akakazimiseli ngokuthola abantwana.
“Ingane into yokugcina okwamanje sisazokuhlela konke lokho, mina ngisagxile emsebenzini. Uma sesishadile sizoqala sakhe umndeni wethu sibenezingane. NoMandla naye ukhona ngabe uyaphawula usematasa nocingo kodwa konke sikwenza ngokubonisana sivumelane ngakho,” kusho uBabes Wodumo.
Yize kuyinto eyenzeke kungazelele muntu kodwa uBabes Wodumo uthe abazali babo sebeyazi ngokwenzekile futhi bayabajabulela kakhulu.
Ebuzwa mayelana nokuncipha kwakhe emzimbeni nokuyinto abantu ebebelokhu bekhononda ngayo ezinkundleni zokuxhumana, uthe akafuni ngisho nokuphawula ngayo ngoba akazi ukuthi kubakhathaza kanjani abantu okwenzeka emzimbeni wakhe.
Ephetha uthe ucela abantu baqhubeke nokubeseka nasemculweni ngoba ziningi izinhlelo abanazo ngomculo wabo.