IYABEKWA namuhla emathuneni aseZinkawini, eChesterville, ingwazi yomculo we-jazz, uMoses "Mtsamayi" Sefatsa, emuva kwenkonzo yokumphelezela eseChurch of Jesus Christ of The Latter Saints eMusgrave, eThekwini, ngo-10 ekuseni.
USefatsa (91) wodumo lwengoma esihloko sithi Estokfeleni kuMkhumbane Jazz Ensemble, udlule emhlabeni ngoMgqibelo.
Umufi udlalele amaqembu amaningi i-tenor saxophone, okubalwa kuwo uMkhumbane Jazz Ensemble, Rhythm Aces, The Keynotes neNqwelo Africa.
Umufi uhamba nje emhlabeni wayesethathe umhlalaphansi ngokusemthethweni emculweni ngo-2019, emuva kwendumezulu yomcimbi wokumhlonipha nabanye eyayiseThe Rainbow, eThekwini, ngo-Ephreli 28, 2019.
Wavaleliswa nozakwabo u-Adolph Kunene sebeneminyaka ewu-85 ngenxa yokuthi base bekhulile futhi sebehlushwa nangamahlalakhona.
Nakuba kunjalo, ubesaqhubeka nokubonakala emicimbini enandisa.
Khonamanjalo: Kulo mculo kuphinde kwawa omunye umuthi omkhulu okungu-Elias Sdumo Ngidi, obehlonishwa kakhulu kuleli nasemazweni angaphandle. Umfo kaHlomuka, obengumdlali wesigingci ne-penny whistle, uhambe emhlabeni ngoDisemba 31.
Ngaphandle kokuthi uNgidi usebenze nezingwazi okubalwa kuzo oWinston Mankunku Ngozi noBabsy Mlangeni kodwa ubuye wapheka amadodana akhe, okungumufi uPhilani Ngidi noSimphiwe Ngidi.
USefatsa noNgidi baseThekwini bazokhunjulwa ngamagalelo abo emcimbini oseBat Centre, eThekwini, ngoLwesihlanu ngo-4 ntambama.