UMREPHA wase-Afrotainment uDuncan, uswele amaphiko okundiza yinjabulo njengoba ezohlonishwa yinhlangano yabanebala elimhlophe, iMasiqoqane Albinisim Foundation ngoNovemba 7, eDurban Station.
UDuncan uzohlonishwa ngenxa yengoma yakhe iSikelela, elinomyalezo oxwayisa ngokucwaswa kwabanebala elimhlophe.
Uthe noma engeyena umuntu onezindondo eziningi kodwa azithola kamuva ziyamjabulisa ngoba uzithola ngenxa yomculo wakhe.
“Ngisanda kuhlonishwa amaphoyisa eSAPS, emiklomelweni yezindondo zamaphoyisa ngenxa yawo umculo wami. Ngale ndondo kwathiwa umculo wami unomyalezo futhi uyakha yingakho ngihlonishwa ngayo.NeMasiqoqane ingitshele ukuthi izongihlonipha ngenxa yeculo lami, iSikelela engiqwashisa kulona ngabantu abathwala ngabanebala elimhlophe, benza umuthi. Lezi zindondo ziyangijabulisa kakhulu ngoba azivotelwa kodwa zinikwa mina ngokukhethekile,” kusho uDuncan.
USihlalo weMasiqoqane Albinism Foundation, u-Andile “ MC Pholobas” Ngcobo, uthe uDuncan ube nesibindi wacula ngabantu abanebala elimhlophe, yingakho bethathe isinqumo sokuthi bamhloniphe.
“Isikhathi esiningi abanebala elimhlophe bayacwaswa. Abanikwa ngisho ithuba uma kuvela imisebenzi ezindaweni zikahulumeni noma emisakazweni emikhulu. Uma kukhona umuntu onesibindi sokukhuluma ngabo njengoDuncan, kumele sibonge.Yingakho sibone kufanele ukuthi senze umcimbi wokumhlonipha ukudlulisa ukubonga kubantu abenza njengaye,” kusho uMC Pholobas.
Uthe umcimbi uzoqala emini ngo-2 ngoNovemba 7, omhlaka 7 kuze kube ntambamakwamukeleke abantu bamabandla ezinkolo ezihlukene. Uthe kuzongenwa ngoR120 kwabahamba ngababili, kube uR70 kohamba yedwa. Abanebala elimhlophe uthe bazongena mahhala kuwona. Uveze ukuthi kuzophinde kunandise nabaculi abehlukene kuwona okukhona noKhuzani kubona.