ULasizwe noKhanyi Mbau bamemezela ukudlula emhlabeni kukayise wabo nokushaqise abantu abaningi. Lokhu kushaye kwezwela ngokudlulela kuLaSizwe njengoba engasenaye nonina omzalayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uKhanyi yize engudadewabo kaLaSizwe kodwa bahlukene ngonina. Laba bobabili noma behlukene ngomama kodwa bazalwa ubaba oyedwa.
ULaSizwe uthe uyise bese kunguye ithemba lakhe nomzali abebambelele kuye emuva kokushona kukanina.
Ekhuluma naleli phephandaba phambilini, uLaSizwe waveza ukuthi selokhu kwashona unina inhliziyo yakhe isaqaqamba ngezinye izikhathi ngoba unina wamshiya esemncane efunda umatric nokwamenza wawuqeda kanzima lowo nyaka esikoleni.
Ukushona kukayise kuphinde kwathunuka amanxeba kanina.
" Umzali wami wokugcina, ubaba useshonile. Angizizwa kahle ngididekile, kuqale umama manje sekuwubaba. Angazi nokuthi ngizizwe kanjani, ngempela umuntu usho kanjani ukuthi abazali bakhe sebashona, angisenabazali bashona,"kubalisa uLaSizwe. Kubona bobabili abalandeli balokhu bebaduduze njalo nosaziwayo ngokuhlukana kwabo badlulisa amazwi endunduzo.