UMSAKAZI weGagasi FM uKhaya Dladla, uthi ukuthenjiswa kwakhe umshado yisoka lakhe wukwenza izinto zibe semthethweni ngoba bavele baphila njengabantu abashadile.
UKhaya owethula isimo somgwaqo ohlelweni iThe Uprising ekuseni, uthenjiswe umshado nguMercutio Buthelezi emcimbini obukwelinye lamahhotela eZinkwazi ngoMgqibelo ebusuku.
“Kuwukwenza izinto zibe semthethweni nje. Vele siphila impilo yabantu abashadile akukho akwenzayo engingakwazi, nami akukho engikwenzayo angakwazi,” kusho uKhaya.
Uthe umcimbi bekungowokujabulela uthando lwabo.
“Akekho ongazi ukuthi ngijola nobani. Akafihliwe. INingizimu Afrika iyazi. Ongishelayo usuke ezama ukusiphazamisa. Noshela yena usuke efuna ukusiqhatha,” kusho uKhaya.
Ugqame elingisa emdlaweni Uzalo kwiSABC1, enguGC, uthe sebethandane iminyaka emithathu noMercutio.
Uqhube wathi ukuthenjiswa umshado yinto abengayilindele.
“Bengingazi lutho, angibonanga lutho ngoba ngibhayiziswe abangani bami. Bengikhuluma nabo, abanye bethi baseMbumbulu, abanye bathi bamatasa nezinto zabo kodwa ngithukile sengibabona,” kuchaza uKhaya.
UMercutio ubhale ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi usuku lwabo selugcine lufikile futhi uKhaya usengowakhe ngokusemthethweni.
Phakathi kwabebekhona kubalwa abalingisi uNocxy Mabika noNelisa Mchunu, Thandeka Zulu noSabelo Ngema be-Afrosoul, Phinda Magwaza esinye sezikhulu kwiGagasi FM, umhleli wemicimbi uMdu Mkhize nabanye.
UKhaya uthe abakalunqumi usuku lomshado wathi: “Angiyona le nhlobo eshada ngokushesha.”