UMLINGISI wodumo lomdlalo Uzalo okhonjiswa phakathi nezinsuku kuSABC 1, uthi usekhathele ukufihla ubudlelwane bakhe futhi uzoqhubeka nokunameka isinqandamathe sakhe ezinkundleni zokuxhumana.
UDawn Thandeka King (43) odlala indawo kaMaNgcobo kulo mdlalo, uthe usekhulile ukuthi angafihla injabulo yakhe ngoba esaba abantu.
“Abantu abakaze bayithande into enhle kanti nami sengazifundisa ukuthi ngikushaye indiva ukuphawula okungeke kungisize ngalutho. Njengamanje ubudlelwano bami buyangijabulisa futhi akusekho okufihliwe ngabo,” kusho uDawn.
Uthe bajabule nesoka lakhe nalo elingumlingisi, uMlungisi Duncan Ndebele, futhi konke kuhamba kahle.
“Into engiyifundile ngalesi sikhathi seCovid-19 wukuthi ikusasa alaziwa, nokungenza ngijabule okwangempela futhi ngingaphileli abantu kodwa ngizenzele mina uqobo. Yingakho ngingeke ngifihle uma kukuhle kanti uma sekukubi kuyobe sekufike isikhathi,” kusho uDawn.
Uthe abantu bazomxolela ngoba ngeke bayeke ukufaka izithombe zabo futhi nabo bazozijwayeza ukujabulela okuhle okwenzeka ezimpilweni zabo, ngaphandle kokucabangela abanye abantu ukuthi bazothini.
Ebuzwa ukuthi basuke sebelibangisephi uma sebegqoke befaniselene nesithandwa sakhe uthe, kwesinye isikhathi basuke beyosebenza ndawonye kanti kokunye basuke beyozipholela.
“Kumele sizifundise ukuphila izimpilo zethu ngokuphelele singenzeli abantu. Kungenjalo sizofa singagulanga ngenxa yengcindezi yokuvalela imizwa yethu sisaba ukugxekwa abantu ezinkundleni zokuxhumana,” usho kanje.
Lo mlingisi usanda kuhlonishwa wumndeni wakhe, AbaThembu, ngempumelelo yakhe negalelo analo endimeni yezokungcebeleka.
“Okungihlaba umxhwele wukuhlonishwa wumndeni wami baze banginike indondo yabo. Ngizizwa ngihloniphekile ngendlela eyisimanga ngokwesekwa ngabantu abangikhulisa,” usho kanje.
Uthe wayengazi ukuthi uthando lwakhe lokulingisa luzomfikisa kude kangaka.
Ngosuku ayebungaza ngalo izindondo azizuzile, uThandeka wafaka nezithombe zezingane zakhe ezinhlanu, nazo zimhalalisela ngempumelelo yakhe.