BASHAYA amakhala abalandeli, kabayizwa nakancane indaba yokuphathwa izinyo kukaTNS onameke isithombe sakhe ezinkundleni zokuxhumana esho ngebhamuza lomlomo. Lesi sithombe siphelezelwa isitatimende esibheke kubahleli bemicimbi abahlukene ebebemqashile exolisa ngokungaphumeleli ngoba ephethwe izinyo.
Lesi sithombe sikhombisa ngokusobala ukuthi usezinhlungwini futhi uvuvukele kodwa abalandeli bakhe bashaya amakhala, bamsolwa ngokuthi akalisho iqiniso. Yize iningi liveza ukuthi lijwayele ukuhlaselwa umshophi ofanayo kodwa lididwa ukuvuvukala kodebe lwangenhla sakuthola isibhakela.
"Isibhakela lesi baba, akulona nje izinyo," kusho Indodana kaNoah.
"Nami nginalo izinyo elibuhlungu kodwa angikakaze ngilibone elinje sengathi ubushaywa," kusho uKholwani O Makota Manzini.
"Izinyo libuhlungu impela kodwa ngeke lenze indebe yakho ivuvukale kanje, ululame ngokushesha," kusho uJunior Moselakgomo.
"Izinyo alikwazi ukwenza udebe lube nje, bakushayile TNS," kusho uKidahz Omontle Makhado.
"Unamanga utinyelwe izinyosi," kubeka uMartin Ramadi.
"Umuntu oshayelwe izindaba zamakhosikazi abantu siyambona thina," kwenanela uDoctorr Sehloane.