UDJ Sbu ongusomabhizinisi nomsakazi weRadio 2000
Image: SIGCINIWE
USAZIWAYO ongusomabhizinisi, uSbusiso “DJ Sbu” Leope WeNkosi uchitha izinsolo ezimyamanisa nenkohlakalo kuMasipala waseKurhuleni ezenziwe yinhloko yezomthetho emisiwe kulo masipala, u-Advocate Kemi Behari, ngesikhathi yethula ubufakazi kwiKhomishini kaMadlanga ngoMsombuluko.
UBehari ubethula ubufakazi ngokugxambukela kosopolitiki ecaleni lokuqondisa ubugwegwe kowayeyiChief Operations Officer kumasipala, uLesiba Mojapelo.
I-IOL ibike ukuthi uthe icala lalithinta ukusetshenziswa kwemali engaphezu kuka-R100 million.
UBehari uthe uThembinkosi “TK” Nciza, osengusopolitiki we-ANC, oke waphatha inkampani yokuqopha umculo iTS Records noDJ Sbu, wayefaka ingcindezi yokuthi icala lichithwe.
Uthe ubufakazi bukhomba ukuthi uTK noDJ Sbu bahlomula.
Esitatimendeni sakhe uDJ Sbu uthe lezi zinsolo zingamanga, zingcolisa igama lakhe futhi azinasisekelo.
“Kusuka ngaqala emsebenzini wokusakaza, amabhizinisi nokusebenzela umphakathi ngiziphatha ngokuthembeka nokuhlonipha umthetho,” kusho uDJ Sbu.
Uthe uma lezi zinsolo ziqhubeka nokungcolisa igama lakhe uzothatha izinyathelo zomthetho.
Uzibophezele ngokusebenzisana nabomthetho abaphenyayo ukuze kwenzeke ubulungiswa.
USbu, osakaza uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto kwiRadio 2000, ubekhona emoyeni izolo.
Uyithinte kancane eyokuvela kwegama lakhe wathi uyazi ukuthi yinto okumele akhulume ngayo.
Uthe uthole umyalezo kubaphathi ukuthi akakhombe abantu esitatimendeni sakhe asikhiphile.
Related Topics: