U-BLACK Coffee ongumsunguli wenhlangano esiza abampofu, iBlack Coffee Foundation
Image: Instagram
SEKUNGENELELE inkakha kaDJ ehlonishwa umhlaba wonke, uBlack Coffee, ukusiza izingane ezinenkinga yamehlo ezisafunda isikole ngokuzihlola aphinde aziphe izibuko mahhala. Lo mkhankaso uqala namhlanje.
UBlack Coffee ngaphansi kwenhlangano yakhe, iBlack Coffee Foundation, wethula uhlelo lokuhlola amehlo izingane zesikole olubizwa ngeGift of Sight by Black Coffee.
Namuhla baqala eThabisang Primary, eSoweto, lapho kuzohlolwa khona izingane ezingaphezu kuka-700. Lokhu kuqondane nokunikelwa kwemifaniswano yesikole yinhlangano yakhe.
Abafundi okuzotholakala ukuthi banenkinga, bazohlolisiswa banikezwe nezibuko zamahhala.
Lo mkhankaso kulindeleke ukuthi ungagcini eGauteng kuphela kodwa usabalale nakwezinye izifundazwe.
Isikhulu seBlack Coffee Foundation, uLungie Maphumulo, sicashunwe sithi ukubona kahle kubalulekile ezinganeni ukuze zibambe iqhaza elibonakalayo emfundweni nasempilweni.
Uthe ukungaboni kahle kungenza ukufunda kube nzima, kuphazamise ukuzethemba futhi kuvimbe ingane ukuthi ifeze amaphupho.
Abantu balushayele ihlombe lolu hlelo bathi luzosiza izingane.
ULesego Rarebreed Tau uphawule kwiFacebook ngokuthi okwenziwayo kungaphezu kokuba wumkhankaso kodwa wukungenelela okuzoshintsha impilo yabantu abasha.
“Ingane ekwazi ukubona kahle, ikwazi ukufunda ngokuzethemba, ibambe iqhaza ngokugcwele futhi ibone ikusasa ngaphandle kwezithiyo,” kusho uTau.
Uthe ubuyisa ithemba futhi unika abafundi okuzobenza bazikhandle esikoleni nangaphandle.
UTidimatso MamaNeo Monene uncome umkhankaso, wathi njengomuntu osebenza esikoleni, ubone izingane eziningi ezivela amakhaya ahlwempu zingasizakali ngoba zineminyaka engaphezu kuka-12 futhi zingakwazi ukuhlolwa mahhala wodokotela. Ubuze ukuthi uhlelo luzosebenza kanjani ngoba lungasho lukhulu esikoleni sabo?
ULethinjabulo Mngadi uthe: “Amandla okubona kahle athathwa kancane. Njengomama onengane egqoka izibuko zamehlo, ngiyakuthanda lokhu ezinganeni ezingenayo inhlanhla.”
Umkhankaso wenziwa ngokubambisana nabeTania Noach Optometrist, Morningside Eye, South African Optometric Association (SAOA), EyeCare4Kids Africa, Maison33 neJHB VIP.
Kwenzeka lokhu nje, ngoFebhuwari 27, inhlangano kaBlack Coffee izoba nomcimbi wokuqongelela imali yokuyixhasa (inhlangano) oke waba khona phambilini emadolobheni ahlukene nakhona eKapa, lapho obuyela khona.
Umcimbi uzoba seMarble eV&A Waterfront, lapho kuzodayiswa khona ezinye izinto ngenhloso yokwenza inzuzo kuphinde kube nezikhulumi ezahlukene kube kudliwa isidlo sasebusuku.
Ngakusasa kuzoba nendumezulu yomcimbi e-The Ostrich, lapho kuzodlala khona uBlack Coffee, Peggy Gou nabanye.
NgeSonto, kuzovalwa ngozoba seGrand Africa Café & Beach, okuzodlala khona uBlack Coffee, Sona, Kabila nabanye.
Related Topics: