Ezokungcebeleka Osaziwayo

UDJ Mngadi uphonsele abaphathi boKhozi FM inselelo kukhunjulwa uNjinji

Simangaliso Ntshangase|Published

UDJ Mngadi ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo somngani wakhe ongasekho emhlabeni uMandla "Njinji" Magwaza, ebisezindlini zomsakazo Ukhozi FM, eThekwini ngoLwesine

Image: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

USOMABHIZINISI obuye abe yiciko, uDJ MNGADI, ogama lakhe lokuzalwa wuSihle Mngadi, futhi obesondelene kakhulu nowayengumsakazi woKhozi FM uMandla “Njinji” Magwaza - usephonsele abaphathi balo msakazo inselelo yokuthi kube khona abakwenzayo ukusiza abasakazi abasuke bengasasebenzi kulesi siteshi ngenxa yezizathu ezahlukene.

UDJ Mngadi ukusho lokhu ekhuluma enkonzweni kaNjinji (41) ebingoLwesine ezindlini zomsakazo zoKhozi FM, eThekwini, lapho bekubuthene khona abasakazi, umndeni, izihlobo nabangani bezokhumbula lo msakazi obe namagalelo ababazekayo endimeni abekuyo. 

“Ngiyazicelela nje kubaphathi boKhozi FM bebonke ukuthi kube khona abakwenzayo ukuqinisekisa ukuthi abasakazi balo msakazo bahlale bephilile futhi bejabule ngakho konke okuthinta umsebenzi wabo, ukusiza ukuthi kungabi bikho izinto eziningi eziphazamisa ukusebenza kwabo, futhi baqikelele ukubagcina bejabulile njalo,” kusho uDJ Mngadi.

Eqhuba, uthe lokhu ukukhulunyiswa wukuthi sekukaningi ebona abasakazi balo msakazo bezikhandla ukuqhuba nokwenza umsebenzi wabo ngendlela efanele, kepha kuthi lapho bengasawusebenzeli l izinto zabo nempilo yabo kungabe kusahamba kahle.

“Manje konke lokho kusiphatha kabi futhi kwenze sizibuze, siziphendule ukuthi ngabe yini imbangela yako? Ngakho siyacela ukuthi abaphathi balo msakazo babuyekeze indlela yokusebenza kwabasebenzi babo, futhi nabo abasebenzi bebonke nje ngicela ukuthi babambisane kukho konke abakwenzayo,” usho kanje.

Izindaba zokushona kukaNjinji, odabuka eJozini, enyakatho yaKwaZulu-Natal, zizwakale ngoMgqibelo.