UMCULI nomlingisi uQhawelentombi uhlela umcimbi wakhe wokuqala wobuciko i-Valentine's Hangover Love Edition: One Woman Show, ozoba se-The Bat Centre, eThekwini ngenyanga ezayo
Image: SITHUNYELWE
UMCULI we-Afro pop futhi ongumlingisi nomxoxi wezindaba, uQhawelentombi, usethembise ukusebenzisa ubuciko bakhe ukuxoxa indaba ehluba udlubu ekhasini ngobuhle, ububi nobunjalo bothando - ukujabulisa abantu nokubavula amehlo ngakho konke okuphathelene nalo.
Lokho kuzokwenzeka emcimbini weshashalazi ozobe uqala ukwenziwa nonyaka othi Valentine’s Hangover Love Edition: One Woman Show, ozoba sendaweni yokudlela i-The Bat Bistro, ese-Bat Centre, eThekwini ngeSonto ngoFebhuwari 15, ngo-12 emini.
Elandisa ngomcabango walo mcimbi okuzongenwa kuwona ngoR100 wethikithi elizobe lidayisa emnyango nelidayisa eWebTickets, uQhawelentombi udalule ukuthi umcimbi uyindlela yakhe yokuthatha unyawo olusha lokwenza umcimbi oqondene naye ngqo.
“Lokhu ngikusho ngoba eminyakeni emibili edlule bengivame ukusebenzisana namaciko emikhakha eyahlukene sijabulisa abalandeli bobuciko ngemicimbi yokunandisa bukhoma, kwaya ngokuya ngabona ukuthi manje sengingakwazi ukuzenzela okwami okuqondene nami ngqo, ngisebenzisa amava nesengikufundile ngobuciko bami,” kusho uQhawelentombi.
Uthe kulo mcimbi uzosebenzisa ubuciko bakhe bokucula, ukulingisa nokuxoxa indaba - ukuhlahlela ubunjalo bothando, kuhlanganisa ubuhle nobubi balo, nakho konke okuhambisana nezimo ezinjalo - ehambisana nebhendi yamalungu amahlanu.
“Lokhu kungenxa yokuthi ngiyazi ukuthi uthando yinto ethinta wonke umuntu, njengoba sazi ukuthi kumanje kukhona abantu abajabule ngenxa yothando, bese kuba khona nalabo abadangele nabaphuke umoya nezinhliziyo ngenxa yalo. Kulo mcimbi ngizoveza konke lokho ukuze wonke umuntu kube khona into azoyizwa nazoyifunda ngengizobe ngikuxoxa noma ngikuvezela abalandeli ngobunjalo bothando nezalo,” usho kanje.
Udalule nokuthi kulo mcimbi, ulindele ukuthi kubuthane abantu abawu-80 kuya ku-100 uma sekugcwele, nokuthi wumcimbi ovuleleke ebantwini beminyaka eyahlukene njengoba futhi uzobe udidiyele namahlaya ukuze uvuleleke kuwonkewonke emahoreni amabili esesteji.
UQhawelentombi igama lakhe lokuzalwa wuHlobisile Mkhize. Udabuka eMolweni, kanti manje uzinze eMount Moriah, enyakatho yeTheku. Usebe khona kwezobuciko iminyaka engaphezu kuka-15, futhi wasebenzisana nenqwaba yamaciko esingabala kuwona o-Emza, uDkt Gcina Mhlophe, uDJ Khamza, uScelo Gowane, uDJ Sox noCosta Dollla.