Ezokungcebeleka Osaziwayo

Ubonge ukwesekwa 'owatinyelwa' ngomzimba wakhe

Fanelesibonge Bengu|Published

UMCULI wamapiano uThatohatsi ubonge ukwesekwa ngabantu

Image: Instagram

NGESIKHATHI sinyuka isibalo sabeseka umkhankaso wokuthi kuvalwe iPiano Pulse Podcast kwiYouTube ngenxa yenkulumo "egxeka" uThatohatsi ngomzimba wakhe, lo mculi ubonge abamesekile.

Ngesonto eledlule uThatohatsi, ongumculi wamapiano, ufake i-vidiyo ezinkundleni zokuxhumana ebukeka engaphathekile kahle.

Kuyona bekuzwakala amaphimbo kaNota noSfiso bekhulma kwiPiano Pulse, eyingxenye yesiteshi sikaMacG kwiYouTube.

Kuzwakala uNota ethi uThatohatsi akanawo umzimba omuhle. Uncoma okaZee Nxumalo.

"UThatohatsi ngingamthatha ngimvalele ngimphuzise amafutha usuku lonke ngeke aze akhuluphale. Unjalo nje," kusho uSfiso.

I-vidiyo kaThatohatsi, onengoma ethi Thandaza, ibihambisana nombhalo othi: "Ukuba bayazi ukuthi kungithathe isikhathi esingakanani ukuthi ngizithande futhi ngiphile ngibukeka kanje."

Baningi abakhombise ukumeseka begxeka i-podcast kangangokuba kuqalwe umkhankaso wokuthi ivalwe.

Izolo incwadi yezikhalo bese isisayinwe ngabantu abangaphezulu kuka-14 800.

Kuvele ukuthi iqalwe wuKamogelo Stimela othe kumele ivalwe ngoba yehlisa isithunzi sabesifazane, inamabhoklolo futhi ibabuka ngamehlo ocansi. Uthe ibukela abantu phansi futhi yenza bazenyeze.

Embhalweni wakhe wokubonga uThatohatsi uthe uyabonga kuwona wonke umuntu omesekile.

"Ngiyifunde yonke imiyalezo yenu, ukuphawula nama-vidiyo enziwe. Ngiyabonga ngokukhulu ukuzithoba. Ngaphandle kukaNkulunkulu nani angiboni ukuthi bengizothola amandla angaka okuthi ngibuye ngibe yimi futhi. Sengathi uNkulunkulu olungile anganibusisa ngabanye ngabanye," kubhala uThatohatsi kwi-Instagram.

Uthe umyalezo uwubhale ngenxa yokuthanda abalandeli, abangani nomndeni eNingizimu Afrika nangaphandle.

"Asiqhubeke lapho sigcine khona futhi sixole," usho kanje.