UDJ Chymamusique ohlale echazela abalandeli bakhe ngokululama kwakhe emuva kwengozi yemoto nyakenye
Image: Instagram
USAHLALELWE wukuhlinzwa kathathu uDJ owasinda engozini yemoto eLimpopo nyakenye kwashona umngani wakhe.
UDJ Chymamusique walimala kabi ngo-Agasti ngesikhathi yena nomngani wakhe uDJ Poizen owashona, beba sengozini yemoto eLimpopo bebuya emcimbini.
Babeyokwethula ama-albhamu abo amasha abawakhipha ngokwahlukana.
UChymamusique, ophinde abe wuphrojusa nonjiniyela wemisindo, walimala kabi emlenzeni nasekhanda.
Izolo ubhale ekhasini lakhe le-X ukuthi sekusele ukuthi ahlinzwe kathathu. Ngonyaka odlule wahlinzwa amahlandla ayisithupha.
Okokugcina wadalula ukuthi uhlinzwe ekhanda.
Wathi ubuchopho bakhe, ukukhuluma nomzimba kusaphazamisekile ngakho ngeke akwazi ukukhuluma nocingo noma nabantu amasonto amathathu.
Izolo uthe: “Sekusele ukuthi ngihlinzwe kathathu. Izikhathi ezinzima sezidlulile. Kuzodlula,” kubhala yena.
Ufaka lo mbhalo nje, ngoMgqibelo ufake i-vidiyo eyimizuzu engu-58 lapho ebedlala khona bukhoma ehleli phansi.
Abantu bamfisele ukuthi sengathi kungahamba kahle.
Isikhwama soxhaso asivula kwi-website yakwaBack a Buddy sesigcwele siyanyinyitheka yiminikelo yabantu.
Kusona kwakubhalwe ukuthi inhloso wukuqoqa u-R220 000. Emini izolo bekuvela ukuthi sekufakwe u- R 230 200.
Umbhalo ohambisana nesikhwama uthe abangani, abalandeli nabo bonke abathanda umsebenzi wakhe bacele ukuthi bahlanganise imali bamsize ukuze athenge okuzomlekelela abe ngcono njengoba ephuke imilenze yomibili kubalwe nokuhlinzwa ekhanda, ehlombe, emazinyweni, emihlathini nasedolweni.
Related Topics: