Ezokungcebeleka Osaziwayo

Osaziwayo nemiyalezo kwabaka-matric

Fanelesibonge Bengu|Published

UMLINGISI woZalo uNothando Ngcobo

Image: Instagram

OSAZIWAYO bahalalisele abaphase u-matric baphinde bakhuthaza abangaphumelelanga ngokuvuka bazithathe.

Ingwazi yomculi eyaphothula u-matric ina-60 ngo-2012, uSipho "Hotstix" Mabuse ithe imfundo ayikhulelwa ngakho ukungaphumeleli bese ukhetha ukushiya isikole ngoba ubona ngathi iminyaka isihambile akusizi.

"Imfundo ibaluleke kakhulu. Kubo bonke abaphumelele ngiyabahalalisela. Kwabangaphumelelanga akusho ukuphela kwempilo kodwa kumele bazame kakhulu. Uma uwile uyakwazi ukuvuka uzithathe, bengakhathazeki," kusho uHotstix.

Uthe abaphasile kumele bakhethe izifundo ezizokwazi ukubenza bathole noma badale amathuba omsebenzi.

Uqhube wathi bengazimpintshela emanyuvesi bonke kodwa bayofundela namakhono.

"Sikhuluma indaba ye-Artificial Intelligence manje, uyaboona ukuthi izifundo zekhompyutha zibalulekile."

INGWAZI yomculi uSipho 'Hotstix' Mabuse

Image: Sigciniwe

Umlingisi woZalo, uNothando Ngcobo, odlala indawo kaHlelo, uthe ukuqeda u-matric akuyona into encane.

"Kuyisiqalo sempilo. Kumele baziphathe kahle ngoba umhlaba yindawo enobungozi. Kumele bathandaze futhi bathembe uNkulunkulu ngokuthi uzobabeka lapho befisa ukuba khona," kusho uNothando.

Lo mlingisi oneziqu zeStrategic Marketing Communications azithola e-University of Johannesburg nezokulingisa naseMarket Theatre, uthe kubalulekile ukuqhuba izifundo ngemuva kuka-matric.

"Imfundo ivula iminyango eminingi. Mina nje ngakwazi ukusebenzela inkampani enkulu iSasol. Ukufunda kukunika amathuba."

Indlovukazi yomculo wokholo, uRebecca Malope, ithe halala kwabaphumelele.

"Sithi abaqhubekele phambili. Ungathi ngoba nakhu uphasile bese uthi kuphelile kodwa sifuna umuntu aqhubekele phambili athole iziqu ezinkulu. Ungafundela ubudokotela, ubummeli nokunye ozobambelela kukho kukusize nangokuzayo," kusho uRebecca ongalihambanga ibanga elide kwezemfundo.

Uthe abangaphumelelanga akusho ukuthi bayizehluleki.

"Kungenzeka ukuthi baphazanyiswe yizimo zasemakhaya noma zempilo. Abanye bazamile kodwa akekho umuntu oyisahluleki. Akaphindele esikoleni azame enze kangcono ukuze aphumelele. Sibathanda bonke ngokufana. Sifuna oRebecca Malope bakusasa abafundile," kusho uRebecca.

Usihlalo womfelandawonye wezinyunyana zabaculi, iCultural and Creative Industries Federation of South Africa (Ccifsa) KwaZulu-Natal, uT'zozo, uthe asebezoya ezikhungweni zemfundo ephakeme emadolobheni kumele baqaphele izinto ezingabaphazamisa.

"Kunabafana abahle, kunabanemali, kukhona o-sugar daddy nezidakamizwa. Kuningi ukungcola. Kukhona namatombazane amahle, abafana abakhumbule ukuthi bazofunda, hhayi ukuzoba ngamasoka. Umuntu akangakhohlwa ukuthi usuka kuphi futhi yini azoyenza eThekwini," kusho uT'zozo.

Uthe nabazali kumele benze isiqiniseko sokuthi bazama ngakho konke ukuhlinzeka izingane ngezinsiza futhi bazeseke ukuze zingagcini ngokuya ko-sugar daddy.