Ezokungcebeleka Osaziwayo

Injabulo uTrevor Noah ebuyela kumaGrammy 'okokugcina'

Fanelesibonge Bengu|Published

Trevor Noah set to host the Grammy Awards for sixth consecutive year USOMAHLAYA uTrevor Noah uzophatha uhlelo kumaGrammy okwesithupha kulandelana

Image: X

KUHALALISELWE usomahlaya waseNingizimu Afrika, uTrevor Noah, omenyezelwe njengozokwethula uhlelo lwamaGrammy Awards okwesithupha kulandelana eLos Angeles, ngoFebhuwari 1.

UTrevor, oke wethula uhlelo iThe Daily Show esiteshini iComedy Central, kuvela ukuthi kuzobe kungokokugcina esingatha amaGrammy.

Uphrojusa wamaGrammy, uBen Winston, ucashunwe kwiCBS ethi: "Ngiyajabula ngokwamukela uTrevor Noah ukuthi ezokwethula amaGrammys okwesithupha, okubi, okuzoba ngokokugcina. Ube umphathi wohlelo omangalisayo. Uhlakaniphile, uyahlekisa futhi ungumlandeli wabaculi nomculo."

Lo somahlaya usethubeni lokuphinde ahlabane ngomklomelo njengoba engomunye wabaqokiwe.

Uqokwe emunxeni weBest Audio Book, Narration and Storytelling Recording ngokufunda incwadi i-Into The Uncut Grass. Uqhathwe noKathy Garver, Ketanji Brown Jackson, Dalai Lama noFab Morvan.

Ekhasini lamaGrammy kwi-Instagram bamhalalisele abantu.

"Nazo!" kubhala umsakazi weGagasi FM uDJ Sphectacula.

U-Iang_414 uthe: "Ngiyayithanda indlela asingatha ngayo kodwa sizogcina sidinga umuntu omusha."

UTrevor uzobe engayedwa kwabazogqamisa iNingizimu Afrika kumaGrammy njengoba kukhona noTyla.

Lo mculi owaba ngowokuqala ukuwina emunxeni weBest African Music Performance ngengoma ethi Water, uTyla, uphinde waqokwa kuwona.

Kulokhu uqokwe ngePust 2 Start. Uqhathwe noBurna Boy (Love), Davido opike u-Omah Lay (With You), Eddy Kenzo noMehran Matin (Hope & Love), no-Ayra Starr opike uWizkid (Gimme Dat).

Abaculi baKwaZulu-Natal, uSjava noCici, bafaka ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bangase baqokwe emuva kokuhambisa umsebenzi wabo.

USjava wafaka emunxeni weBest Global Music Album nge-albhamu yakhe Inkanyezi Live. Inkampani yakhe i-1020 Cartel yayimemezele ukuthi usezoba nezwi ngabaqokwa kuwona amaGrammy.

UCici ngakolunye uhlangothi, wafaka eminxeni emithathu nge-albhamu iBusisiwe 2.0.

Waphosa emunxeni weBest R&B Album, Best Gospel Performance/Song ngengoma ethi Ameni kanjalo nakwi-Album of the Year.

Nokho kuthe sekukhishwa uhla awavelanga amagama abo.