USOMAHLAYA, uFelix Hlophe, uqala umjikelezo wamahlaya iRunaway Bride eCity Hall, eMgungundlovu, ngoJanuwari 31
Image: Sigciniwe
UZIPHENDULA ihlaya izigigaba adlule kuzo usomahlaya, uFelix Hlophe, njengoba ekupheleni kwenyanga (Januwari 31) eqala umjikelezo iRunaway Bride eMgungundlovu.
UFelix uke waba sematheni ngoDisemba, eqophisana ngamazwi nomkakhe uTracy Smith-Hlophe.
Isolezwe labika ukuthi umkakhe uhambe emuva kokucasulwa yisicelo somyeni sokuthi alungise izibiliboco kujatshulelwe ukuthi izingxoxo zelobolo likamnakwabo zihambe kahle.
Esitatimendeni uFelix wathi emuva kokuvela kwezindaba ezithinta yena, umkakhe wamukela isimemo somngani sokuyoshaywa wumoya nezingane, wabe esehamba eyobalanda.
Ngaleso sikhathi, wathi kwaphakama umoya kodwa akaze ambeke isandla. Waveza ukuthi badla uKhisimusi ngokuthula nangenjabulo njengomndeni.
Isigameko saze senza ukuthi isiteshi asakaza kuso, iGagasi FM, simnike ikhefu lamasonto amabili sekubhekwe ngabomvu ukuthi ethule uhlelo lokuhlukanisa unyaka noLinda Sibiya noSelbeyonce.
Kulindeleke ukuthi abuye emsebenzini ngoMsombuluko ozayo.
UFelix uthe kuhlekwa noma kufiwe njengoba ezoba nomcimbi iRunaway Bride eCity Hall, eMgungundlovu, ngoJanuwari 31.
Uthe uzobe ebhekisisa uthando, isiko, ukukhetha nesibindi esifunekayo ukushenxa kokulindeleke kuwe kodwa ungahambisani nakho.
“Umcimbi uhlanganisa amancoko nokuxoxa izindaba ngokubhekisisa izinganekwane esizilandelayo ngomshado, ubudoda, indima yabesifazane nokuthi kwenzakalani uma impilo ingavumi ukulandela lokho,” kusho uFelix.
Uthe uzobe ezoxoxa ngadlule kukho nakubonile, ngokushayisana kombono wabantu neqiniso ngokunjalo nokuphoxa abantu ngokukhetha ukuthula.
Abantu bakhombise isasasa ngesimemezelo sikaFelix, bethi sebebheke nokuzwa incazelo yokunye akusho kuma-video.
“Gcina intombazane, nginikeze umfana wami!' Ngifuna ihlaya kulokho Mnuz Hlophe,” kubhala uHlon’Sibiya.
UFelix umphendule ngokuthi uzochaza konke.
UDexter Mnqobi Ngcobo uthe: “Okungenani sesiyozwa khona ke ukuthi ubaba walaphaya kwandlwana washona kanjani. Sobe sikhona.”
Uthe usazozihambela ezinye izindawo kodwa ngenxa yenhlonipho, ukhethe ukuqala eMgungundlovu, lapho kuzalwa khona umkakhe.
Related Topics: