Ezokungcebeleka Osaziwayo

Kuxwayiswa abalandeli ngokuba yisimbelambela kubaculi

Fanelesibonge Bengu|Published

UMCULI wamapiano usekhathele ngabantu abaphawula ngomzimba wakhe

Image: Instagram

ABALANDELI kumele bayibheke into abayisho kosaziwayo ngoba kuyezwela kubo.

Lokhu kushiwo wuNgcebo Mdima okhulumela osaziwayo futhi ophinde abe nguDJ kulandela ukuhluthuka kukaNkosazana Daughter, wathuka abantu ngokumnaka ngomzimba wakhe.

UNkosazana Daughter oyisilomo samapiano, uqophe i-video wayifaka kwiTik Tok kulandela ukuhlale njalo abantu bephawula ngokwehla kwakhe emzimbeni.

Ohlelweni Piano Pulse olungaphansi kwesiteshi sikaMacG kwiYoutube, owayengumphathi wabaculi osephawula ngemboni, uNota Baloyi, umncomile wathi ubukeka kahle.

Ube esethi usebenzisa iphilisi elidumile okuthiwa liyehlisana emzimbeni.

UNkosazana obengomunye wabapikwe engomeni eshise izikhotha ngonyaka odlule, ethi Abantwana Bakho kaDJ Maphorisa, Xduppy noKabza De Small, uthe usekhathele ngabantu abaphawula ngomzimba wakhe.

“Bathi awu usekhuluphele manje, awu usenciphile manje. Njalo ngihlale ngibukeka kahle kodwa,” kusho uNkosazana ogcizelele ukuthi ungumama.

Ugcine ethuka inhlamba ethi abamshiye phansi.

“Sengikhathele sesizwile. U-2026 khulumani ngenye into. Gxekani izinwele zami. Ngitsheleni ukuthi ngishintshe izinwele. Yenzani okuthile,” kusho lo mculi waseThekwini.

Ekuqaleni konyaka odlule, uLwah Ndlunkulu naye wazwakalisa ukungenami kwakhe ngokuphawula kwabantu ngomzimba wakhe.

“Ingiphatha kabi ke kodwa le yokuthi ningi lingibelesele ngokuthi ngizacile ngiqedwa insangu, akukuhle lokho bakwethu. Anokuhlonipha ukushintsha komuntu ngoba sikhula ngezindlela ezingafani kanti futhi nesimo esibhekana nazo anizazi kodwa ngingaqiniseka ukuthi angizidli izidakamizwa. Lokhu enikubhala kuma-comments uma kunijabulisa ningaqhubeka, ngiyabonga,” kusho uLwah Ndlunkulu ekhasini lakhe likaFacebook.

Wathi ngisho ezama ukuba ngcono kodwa abantu abajabuli, baphilela ukugxeka “umuntu aze azizonde”.

“Ngiyawunyanya umzimba wami ngize ngigqoke izinto ezinkulu ukuze ningangibeki amabala kodwa nithi ngigqoka osikhula naye. Mhlawumbe kungaba ngcono uma ningasho ukuthi Lwah nansi indlela esifisa ube yiyo futhi uziphathe ngayo kodwa cha nje ngiyathukwa zonke izinsuku ngesisindo nokuma kwami? Ngiyazazi ukuthi nginesishwapha futhi ngizacile, manje ngenze njani?”

UNgcebo uthe uma osaziwayo nabaculi begxekwa ngendlela ababukeka ngayo kubathena amandla lokho, kugcina kuphazamisa nomsebenzi wabo.

“Akuhlali kahle ecikweni ngoba kukuphazamisa ngisho usuqopha. Noma ungazama wenza ngathi wena awunakile kodwa kuyakudla uma usuwedwa. Abanye baze bazibulale ngenxa yokhwantalala. Akulungile ngempela,” kusho uNgcebo.

Uthe abalandeli banelungelo lokuphawula ngabantu ababalandelayo kodwa okubalulekile yindlela abazidlulisa ngazo izincomo zabo.

“Asibeke ngendlela enozwelo nenenhlonipho futhi eyakhayo. Ukuphawula budlabha kuyawabulala amaciko.”