Ezokungcebeleka Osaziwayo

Kunconywa uBonang ngezimanga azigile kowonobuhle eVietnam

Fanelesibonge Bengu|Published

UBONANG Matheba ngesikhathi ephethe uhlelo emncintiswaneni kaMiss Cosmo eVietnam, ngoMgqibelo

Image: X

USHAYELWE ihlombe uBonang Matheba ngezinga eliphezulu alikhombise ephethe uhlelo emncintiswaneni kaMiss Cosmo eVietnam, ngoMgqibelo, naphezu kobuhixihixi obube khona sekubalwa amahora umcimbi uqale edukelwa yizimpahla zakhe.

UBonang udalule ukuthi udukelwe yizikhwama zakhe ezine esikhumulweni sezindiza ezinemisiko abezoyigqoka emcimbini.

“Kuthi angihayize,” kusho yena ekhathazekile.

Abalandeli bakhe bese bekhathazekile belokhu bebuza ukuthi kukhona yini okuqhubekayo, wagcina eveza ukuthi zitholakele futhi omunye wasebenza nabo uyozilanda. Ubonge nenkampani yamabhanoyi i-Emirates.

Udalule ukuthi ubeseye kwesinye sezitolo sezimpahla uma kwenzeka ezakhe zigcina zingatholakali.

Ngesikhathi umcimbi usuqhubeka ushintshe cishe kathathu.

“Kuyamangalisa ukuba lapha futhi silinde isikhathi eside ukuthi sibe lapha. Ngiyaqala ngqa ukuba seVietnam, futhi ngiyabonga kunina nonke ngokungamukela ngezandla ezifudumele. Ukudla kumnandi, isimo sezulu siyavuma futhi nabantu bangcono kakhulu,” kusho uBonang kusanda kuqala uhlelo.

Umncintiswano unqotshwe uYolina Lindquist wase-United States of America, kozakwabo abalinganiselwa ku-70. Uthathe izintambo kuKetut Permata Juliastrid yase-Indonesia.

Abalandeli bakaBonang enkundleni yokuxhumana u-X bebengawuvali umlomo ngaye.

Omunye uphakamise ukuthi kumele amukelwe ngenhlokomo esikhumulweni sezindiza i-O.R. Tambo International uma sebuya.

“Izinto esizenzelwa uBonang bafowethu. Angiqondi lutho kodwa ngiyabuka #MissCosmo2025,” kusho uThato Immaculate.

USefiso Hlongowange ubhalele uBonang wathi: Mfowethu. Ukukubona ukulesiya siteji kungithinte ngendlela engachazeki. Ngiyazi ukuthi lesi sikhathi sisho ukuthini kuwe futhi ukukubona ungena kuso kube yinto enkulu. Ngiyaziqhenya, ngithintekile futhi ngigqugquzeleke ngendlela engachazeki ngamagama. Umhlaba ukuqaphelile. Isigaba esilandelayo uMiss Universe.”