Umculi weLekompo, uShebeshxt, unqatshelwe ibheyili eNkantolo yeMantshi ePolokwane, ngoLwesithathu
Image: NPA
UZODLA uKhisimusi namathini awashayele esitokisini umculi odumile waseLimpopo, uShebeshxt onqatshelwe ibheyili eNkantolo yeMantshi yasePolokwane, ngamacala ahlukene ngoLwesithathu.
UShebeshxt uboshwe ngoNovemba 12, ngamacala amabili okuzama ukubulala. Kuthiwa amacala akhe ayisishiyagalolunye esewonke.
"Ukuboshwa kwakhe kusukela esigamekweni esenzeka ezintatha ngeSonto, ngo-Okthoba 19, emgwaqweni uWitklip eLadanna ngaphandle kwaseLimpopo. Kusolwa ukuthi umsolwa waxakazisana nomunye umshayeli wase edubula kaningi kwenye imoto kwalimala kanzima umgibeli oneminyaka engu-34, owaphuthunyiswa esibhedlela esiseduze,” kusho isitatimende samaphoyisa ngesikhathi eboshwa.
Imantshi ithe ayimzondi kodwa ukuziphatha kwakhe kumele kufakelwe izibuko ngoba ubengaphandle ngebheyili ngamanye amacala kodwa waqhubeka nokunye aseboshelwe khona.
Icala lihlehliselwe uFebhruwari 18, 2026.
UMphoza Mashabela ongusihlalo weLimpopo Artists Movement ekhuluma ezindabeni zeSABC, uthe bazodlulela enkantolo enkulu beyomcelela khona ibheyili, ikakhulukazi ngoba yisikhathi samaholidi kaDisemba.
Related Topics: