Usaziwayo uLasizwe Dambuza udalule ukuthi unezifo ezimayelana nengqondo
Image: Instagram
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
ULasizwa, ongumfowabo kaKhanyi Mbau, uveze ukuthi uyochitha izinsuku ezizayo endaweni yokuphumuza umqondo.
“Bazonginakekela amasonto ambalwa azayo okusho ukuthi ngizophuthwa wuKhisimusi ngeke ngikwazi ukunifisela izilokotho ezinhle ngoKhisimusi ngoba bayawathatha amaselula. Ngikhethe ukwenza lokhu ngoba lo nyaka ubunzima ngokomqondo ngikhathele. Ngiphethwe ukhwantalala futhi nginovalo. Uvalo lwami eyi,” kusho uLasizwe.
ULasizwe ophinde ethule uhlelo i-Awkward Dates oluqale kwiYouTube ladlala nakwithelevishini, uthe uyaziqhenya ngokuthi usendaweni akuyo futhi bazomnakekela.
“Ngifisa ngathi abantu bangakuthathela phezulu ukunakekela umqondo. Kuwena obukele lokhu thola umuntu emphakathini wangakini, emndenini, abangani ukhulume nabo ngendlela ozizwa ngayo emoyeni. Noma uthole usizo longoti,” kusho yena.
Uqhube wathi: “Ngiyathemba ukutthi leli thimba lizongisiza ukuthi ngilulame ngoba ngonyaka ozayo siyabangena. Siqale unyaka sinamandla futhi siphila.”
Izifo ezimayelana nengqondo zithinta abantu abaningi emhlabeni jikelele.
NgokweWorld Health Organisation, zithinta abantu abangaphezulu kuka-1 billion emhlabeni futhi izibalo zinyuka kuwo wonke amazwe.
Related Topics: