Ezokungcebeleka Osaziwayo

Usebhekwe kokaMiss Universe uBonang ozophatha uhlelo kowaseVietnam

Fanelesibonge Bengu|Published

UBONANG Matheba ozophatha uhlelo emncintiswaneni kaMiss Cosmo eVietnam ngoDisemba 20

Image: Instagram

USEBHEKWE kokaMiss Universe uBonang “Queen B” Matheba omenyezelwe njengozokwethula uhlelo lukaMiss Cosmo eVietnam ngenyanga ezayo.

UBonang uzobe engaqali ukwethula uhlelo lomcimbi wonobuhle njengoba eke wabamba iminyaka kokaMiss South Africa.

Lo mncintiswano wonobuhle uhlanganisa izintokazi zamazwe omhlaba futhi nonyaka kuzoba ngokwesibili ukhona. 

Njengamanje isicoco siphethwe wuKetut Permata Juliastrid wase-Indonesia.

UBonang umenyezelwe ngempelasonto ukuthi nguyena ozophatha uhlelo lomncintiswano kanjalo nefestiveli yomculo ehambisana nawo.

“Njengomuntu odumile kwezokungcebeleka nasemkhakheni wonobuhle, uBonang Matheba uza nokuzethemba kwakhe nokugqama esiteji kulo mgubho wobuhle. Umsebenzi wakhe njengomethuli wezinhlelo, umsakazi, usomabhizinisi nombhali umenza abe ngomunye wabantu okubukelwa kubo e-Afrika," kusho isitatimende.

UBonang ubhale ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi uyajabula ngokuthi uzophatha lolu hlelo.

Uthe uyaqala ukuvakashela eVietnam.

Kwi-X uthe wenza imicimbi yonobuhle owodwa ngesikhathi.

Abalandeli bakhe bamhalalisele bethi uhamba yedwa.

UMbali Ndlela ubhale kwi-X ukuthi akusekude uBonang aphathe uhlelo kuMiss Universe.

UZinhle uthe uyamjahulela futhi okulandelayo wukuphatha uhlelo kuMiss Universe.

“Indlela ebheke ekuphatheni uhlelo kuMiss Universe isiyacatshwa ngokusemthethweni,” kubhala u-Ipy.

UTlotlisang uthe useqalile ucabanga ngemiswenko uBonang azobe eyifakile futhi usejahe kabi ukuyibona.

Umcimbi uzokhonjiswa ekhasini likaMiss Cosmo kwiYouTube ngoDisemba 20.