Ezokungcebeleka Osaziwayo

Ayisekho 'injinga' uMandla Mthembu eyayishade noKhanyi Mbau

Fanelesibonge Bengu|Published

UMANDLA Mthembu noKanyi Mbau ngesikhathi besayizithandani

Image: X

AKASEKHO emhlabeni uMandla Mthembu owazakhela udumo ngobukhazikhazi bempilo ayeyiphila noKhanyi Mbau ayeshadelwe uye.

Ngokwesitatimende somndeni, uMandla owayengusomabhizinisi nelungu lokuqina le-African National Congress, ushone ngeSonto ebusuku.

"UMnuz Mthembu ungeniswe esibhedlela lapho ephindwe washawa yisifo sohlangothi okwesibili. Naphezu kwemizamo yabasebenzi bezempilo, kumenele ngenxa yomonakalo ohambisana nesifo sohlangothi," kusho isitatimende.

Siqhube sathi ubaziwa ngamabhizinisi nangeqhaza alibambile kwezamabhizinisi kuleli.

"Umndeni wakwaMthembu ucela ukunikwa isikhathi sokuzila esithe ngalesi sikhathi esibuhlungu kushona uyise, ubhuti nomngani. Eminye imininingwane mayelana namalungiselelo enkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi."